Ezokungcebeleka

Izoba seRoyal Showgrounds i-Last Dance

Fanelesibonge Bengu|Published

UMETHULI weSelimathunzi uSiphesihle Vazi ungomunye wabazophatha uhlelo kwi-Last Dance Music Festival eMgungundlovu ngoDisemba 31 Isithombe: INSTAGRAM

UZOBA seRoyal Showgrounds, eMgungundlovu, ngoDisemba 31 umcimbi waminyaka yonke wokuhlukanisa unyaka i-Last Dance Music Festival.

Umhleli wawo uSipho Ndaba uthe kubalulekile ukuthi akucacise lokhu ngenxa yokudideka obekuqubuka kwabanye.

“Sike sabona izikhangiso zeminye imicimbi ezinegama elifana nomcimbi wethu kokunye kufakwe u-Last Dance nokuyinto ebisiqalile ukudida abanye. Sithi akungabi khona ukudideka, i-Last Dance abayaziyo nabayithandayo iyodwa futhi yileyo ezobe iseMgungundlovu,” kusho uSipho.

Lo mcimbi uzobe ugubha iminyaka engu-15 wasungulwa. Uke wabanjelwa eRichards Bay naseBallito njengoba usuzinze eMgungundlovu lapho uxhaswe khona wuMasipala waseMsunduzi.

Kule minyaka emibili edlule ububa se-Oval Cricket Stadium kodwa kulokhu uthuthela eRoyal Showgrounds.

“Siyajabula futhi ukusho ukuthi i-SABC1 iyabuya ukuzosakaza bukhoma njengaseminyakeni edlule phakathi kuka-9 ebusuku no-1 entathakusa,” kusho uSipho.

Phakathi kwabazonandisa kubalwa uMthandeni SK, DJ Happy Gal, Mawhoo, Dlala Thukzin, Khuzani, Ayanda Ntanzi, Goldmax, Stibobo, Focalistic nabanye.

Abaphathi bohlelo kuzoba wuSiphesihle Vazi noZanele Potelwa.