Ezokungcebeleka

Banqunyelwe okatiki abashicilele ‘amampunge’ ngomlingisi

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMLINGISI uSello Maake kaNcube nomkakhe uPearl Mbewe

ITHI ingaba nkulu ingabe isazekeka, lokhu kulandela ukuvela kwesitatimende esikhishwe umlingisi osemnkantshubomvu uSello Maake kaNcube osabise ngokusasazela unkosikazi wakhe uPearl Mbewe ngezikaDalawane ngoba emsola ngokumbeka engcupheni yokusuleleka ngegciwane lengculazi.

Lolu daba olushiye abaningi bebambe ongezansi luvele ephephandabeni langeSonto iSunday World eshicilele ukuthi le ntokazi isola umyeni wayo ngokubeka impilo yayo engcupheni yokuthola lesi sifo ngesikhathi bezama ukuthola ingane. Kuthiwa laba bese bezame kaningi ukuthola ingane kodwa kungalungi banquma ukuya kudokotela oyi-gynacologist owaphakamisa ukuthi abahlolwe bobabili ukuze kubonakale ukuthi yini imbangela yokuhluleka kwabo ukuthola izingane. Ukuhlola kwabo kuhlanganisa ukuhlolelwa negciwane le-HIV. Yilapho okuthiwa kuvele khona okuthi lo mlingisi unaso isifo kodwa umkakhe akanaso.

Kuthiwa yilokhu kanye okukhalisa umkakhe ngoba wabuza kumyeni ukuthi sinjani isimo sakhe, waveza ukuthi akanalo leli gciwane ngaphambi kokuba baqale imizamo yokuthola ingane.

Njengamanje abammeli balo mlingisi owaduma kakhulu ngeminyaka yo-1990a edlala indawo ka-Archie Moroka kwiGenerations, bathumele umhleli wephephandaba iSunday World ukuba bahoxise lolu daba kuzo zonke izinkundla zabo zokushicilela futhi balungise amanga abalwe esigabeni sesibili sodaba abalushicilelile. Laba banqunyelwe umhla ka 15 kwephezulu ukuthi benze njalo, uma behluleka bazobhekana nengalo yomthetho.

Lo mlingisi ubuye wakhipha isitatimende ngosizo lwabameli bakhe eveza ukuthi uyakholelwa ebunyeni bemindeni futhi yena njengenhloko yekhaya uzoqinisekisa ukuthi ngeke agudluke kulezi zimiso.

“Ngiyama kulezi zimiso zami ngisho kukhona okubi okubhalwa ngomndeni wami kwenziwa ngabamaphepha aholwa ngongxiwankulu abahlose ukubulala imindeni yabansundu,” kusho yena ngesitatimende.