UFELIX Hlophe nonkosikazi wakhe uTracy osekuvele ukuthi sebeqedile ukuqopha uhlelo oluzoveza impilo yomndeni wabo nowesifazane osebudlelwaneni bezothando naye uFelix nahlela ukumenza unkosikazi wesibili u-Ayanda Bhengu Isithombe: FACEBOOK
KUVELA ukuthi seluqoshiwe uhlelo oluzoveza obala impilo yomsakazi weGagasi FM, uFelix Hlophe, oluzoqala ukubonakala kuMzansi Magic (161), ngasekuqaleni konyaka ozayo.
UFelix wethula uhlelo lwasekuseni i-Uprising, noMinnie Ntuli.
Isolezwe lithole ngomthombo ongashayi eceleni ukuthi ohlelweni lukaFelix, kuzogqama unkosikazi wakhe uTracy, nezingane zabo, nowesifazane okuvela ukuthi usebudlelwaneni bezothando naye, u-Ayanda Bhengu.
Umthombo uthe izinkinga obekungathi baziveza ezinkundleni uFelix, no-Ayanda, bekungenye indlela yokuvezela abalandeli babo ukuthi kukhona abamatasa ngakho.
“Bekuyibhayisikobho yonke lento ebeniyibona ezinkundleni zokuxhumana. UFelix uthole ithuba lokuthi aqophe uhlelo lwakhe nalaba besifazane ababili abasempilweni yakhe. Ujabule uyafa futhi usefisa ngathi ayikho imibandela emvimbile ukuthi angakhulumi ngalolu hlelo. Ukube kuya ngaye ngabe sekuyaziwa naye aveze ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kwenzakalani. Nawe uyazi ukuthi akujwayelekile ukuthi uma laba bantu abangosaziwayo kukhona izinkinga abanazo othandweni bese belokhu bephendulana ezinkundleni zokuxhumana, bebedlala ngoba kuza uhlelo lwabo bobabili.”
Umthombo uthe muva nje lo msakazi akamemezelanga umcimbi wakhe womembeso akade ewenza noTracy, ngakho njalo ukubalekela ukuthi uzogcwala izinkundla zokuxhumana ungakasakazwa.
Uveze ukuthi ngisho kuwona lowo mcimbi kwakumenywe abakhethekile kuphela, nabo abadonswa ngendlebe ukuthi bangalinge basabalalise izithombe namavidiyo omcimbi.
Isolezwe lizamile ukuxhumana noFelix kodwa ucingo lwakhe beluvaliwe lwamukela imiyalezo kuphela.
UPortia Hlongwane weMzansi Magic uthe, izinhlelo zangonyaka ozayo ezintsha bazoqala ukuzimemezela ngoJanuwari.
Related Topics: