Ezokungcebeleka

Zibonele uhla lwezingoma ezibanga ukuhlukanisa unyaka kuKhozi FM

Fanelesibonge Bengu|Published

ZIMENYELWE izingoma ezingu-10 abalaleli boKhozi FM abazokhetha kuzo abazongena ngayo ku-2025.

Izingoma ezisembangweni yilezi:

Woodblock DJs – Skuta Baba

Thokozani Langa – Thokoza

Mthandeni SK ft Mawhoo – Gucci

Allen ft Big Zulu, Charlotte Lyf & Master KG - Unobuhle

Malungelo ft Rethabile Khumalo, Nokwazi & DJ ALE - Uyavela

Malini – Uthunyelwe abadala

Mjolisi ft Mnqobi Yazo- My Dululu

Blaq Major – Sdakiwe Sbali

Andile KaMajola – Liphakanyisiwe

Zinhle Kaaiman (feat. Mpumi & TorQue MuziQ) Sabela

Umculi wengoma ehlukanisa unyaka uzowina iVW Polo Vivo Life, ebiza uR288 500

NgoNovemba 1, kuvulelwe ukuthi abalaleli bathumele amaSMS anezingoma abafuna ukuhlukanisa ngazo futhi ukuvota kuvalwe ngoNovemba 15. Abasebenzi boKhozi nabo bakhethe ezabo kwaphinde kwabhekwa nokuthi ingoma iyadlala yini emsakazweni.

Ngesikhathi bethula umncintiswano wanonyaka, umphathi wezokukhangisa esiteshini uLwazi Mthabela, wathi ingoma ukuze ibe sethubeni lokuba kwi-Top 10 kumele ivele ohlwini lwabalaleli, olwabasakazi kanjalo nolokudlalwa esiteshini.

Ingoma kumele kube ngephume phakathi kukaJanuwari 1 no-Okthoba 24 nonyaka. Ukuvota kuzovulwa ngo-12 ebusuku ngoMsombuluko.