Ezokungcebeleka

I-SABC isiqalile ukuthungatha umphathi omusha woKhozi FM

Fanelesibonge Bengu|Published

UKhozi FM luthungatha umphathi omusha wezinhlelo Isithombe: Facebook

INHLANGANO yezokusakaza iSABC, isiphume inqina ithungatha umphathi omusha wezinhlelo kuKhozi FM kulandela ukushiya kukaNksz Pearl Maseko-Binqose ngo-Okthoba.

UPearl, obenonyaka nezinyanga efikile kuKhozi usule wajoyina uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke njengomkhulumeli kaNgqongqoshe uVelenkosini Hlabisa.

I-SABC ikhiphe isikhangiso somsebenzi lapho ifuna ozophatha izinhlelo iminyaka emihlanu.

Ngale kweziqu, kufuneka umuntu onamava eminyaka eyisithupha kwezokusakaza, emithathu esesikhundleni esiphezulu.

Pearl Maseko-Binqose Isithombe: X

Ukwamukelwa kwezicelo zomsebenzi kuvalwa ngoLwesithathu futhi akuveli ukuthi ozoqashwa uqala nini emsebenzini.

Njengamanje kuthiwa kubambe uMandla Mdletshe esikhundleni.

Kwenzeka lokhu nje, kusanda kusula nomphathi wesiteshi salo msakazo uSbongi Ngcobo ogcine emsebenzini ngenyanga edlule.

Isikhala sakhe besingakakhangiswa.

Inhlangano yezokusakaza iphinde yakhipha isikhangiso sozophatha iSABC KwaZulu-Natal. Nakhona ukwamukelwa kwezicelo kuzovalwa ngoLwesithathu.