Ezokungcebeleka

Uzidonsele amanzi ngomsele epha obeswele

Fanelesibonge Bengu|Published

Umsakazi uSizwe Dhlomo

Usephenduke ‘uFather Christmas” okucelwa kuye izipho umsakazi uSizwe Dhlomo kulandela ukupha kwakhe owesilisa iPlayStation (PS) 4 abeyicele enkundleni yokuxhumana i-X.

Owsesilisa ongu-@skelemjive ubhalele uSizwe ngeSonto ethi ucela i-gaming console.

“Bhuti omdala, awunayo i-gaming console ongayisebenzisi sengiyifune isikhathi eside kodwa amandla awekho,” kuzikhalela uSkelemjive.

Akuphelanga sikhathi esingakanani uSizwe, ongumsakazi weKaya FM wathi unePS4 esebhokisini.

“Uyayifuna?” kubuza yena.

USkelemjive uvumile wabe uSizwe esethi uzomthumela imininingwane yokuthi uzoyithola kanjani.

“Ngiphelelwe ngamazwi okubonga eKaya FM. Ngiyabonga bhuti omdala u-@SizweDhlomo angazi ngingabonga ngithini,” kubhala uSkelemjive ngoMsombuluko efake isithombe sePS4.

Kusuka kuvele lo mbhalo, baningi abese bekhala kuSizwe becela izipho.

Kukhona abacele izimoto kuye. Omunye ucele iNissan NP200 wathi uyifunela ibhizinisi.

“Empeleni ngiayo kodwa angiphisani ngayo,” kubhala uSizwe ehleka.

Omunye ucele iMercedes-Benz, uSizwe wathi unawo cishe mahlanu.

Omunye ucele umuzi.

“Uyazi angikaze ngidayise muzi empilweni yami! Ngisenayo yonke! Thatha mzala! Lol!”