Ezokungcebeleka

Kuzobukwa izintokazi ezingenisile kowokholo kumaCrown

Nokubongwa Phenyane|Published

UXOLI Mncwango noPhindi P basezintokazini ezenza kahle emculweni wokholo eziqokwe emcimbini amaSABC Crown Gospel Music Awards azoba seGoli kulo nyaka IZITHOMBE: X

IZINTOKAZI esezizakhele igama emculweni wokholo zifike kwezwakala njengoba ziqokwe eminxeni ehlukene emcimbini amaSABC Crown Gospel Music Awards.

Izolo kwethulwe abaqokwe emcimbini walo nyaka ozoba seGallagher Convention Centre, ngoNovemba 24.

UXoli Mncwango uqokwe izikhawu ezintathu kulo mcimbi, kwathi intokazi eyazakhela igama eqenjini iJoyous Celebration uNcebakazi Msomi yaqokwa kabili, abanye abaqokiwe kukhona umculi wokholo uPhindi P, Sneziey Msomi, Nomthie Sibisi nabanye.

U-Andile KaMajola obesenesikhathi engaqokwa kulo mcimbi naye ushaye ibuya ngegiya eliphezulu njengoba ezihola ngokuqokwa kakhulu kulo mcimbi.

Uqokwe izikhawu ezine nokunguye oqokwe kakhulu.

Ngesikhathi kwethulwa lo mcimbi eThekwini kwabezindaba, u-Andile KaMajola owayekhona, waveza ukuthi kulo nyaka uhlela ukubuya hhayi ngoba uZanele engasekho, kodwa ubesehlale isikhathi eside engangeneli kulo mcimbi.

“Ngihlela ukubuya ekutheni ngingenele ukuqokwa kulo mcimbi. Njengoba sewumenyezelwe umcimbi ngiyasho kinina abezindaba ukuthi ngizofaka isicelo sokuqokwa ngijabule ngokuthi ngibe yingxenye yomcimbi,” kuchaza uMajola.

Kwabesilisa abaqokiwe kubalwa uThina Zungu naye okhuza ibuya kulo mcimbi kanjalo noKhaya Mthethwa.

USbu Noah owake waqokwa izikhawu eziyisikhombisa wangathola neyodwa indondo naye uqokwe kanye emunxeni weBest Gospel Song.

Uqokwe nabaculi okukhona kubo iqembu iWorship House, Xolie Mncwango, Sneziey Msomi no-Andile KaMajola.

Abanye abaqokiwe ilaba:

BEST NEWCOMER

Mangaliso

Mqapheli Ndlovu

Chosen Sings

Unlimited choir

Philani Mbambo

BEST COLLABORATION

3C Live ft Ntokozo Mbambo

Bethusile Mcinga ft Zuko SA

Phindi-P ft Sindi Ntombela

Thinah Zungu ft NUZ VOJ & Jumbo

BEST FEMALE GOSPEL ARTIST

Nomthie Sibisi

Sneziey Msomi

Xolly Mncwango

Ncebekazi Msomi

BEST MALE GOSPEL ARTIST

Malusi Mbokazi

Kekeletso Phoofolo

Rofhiwa Manyaga

Gershom Ntimane