Ezokungcebeleka

Izozinza e-ICC iDurban Jazz Festival

Fanelesibonge Bengu|Published

IDurban Jazz Festival isithuthe unomphelo edamini. Isithombe: Motshwari Mofokeng

ABAHLELI bomcimbi iDurban Jazz Festival eba ngoDisemba 26, bathi phinde babuyele edamini i-Hazelmere naphezu kokuphothulwa kokulungiswa kwayo.

UNgqongqoshe wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle, uNkk Pemmy Majodina, muva nje uhlole i-Hazelmere Dam eyobheka ukusebenza kwayo ngemuva kokunwetshwa.

Ngonyaka odlule abahleli beDurban Jazz bamemezela ukuthi iyavalelisa khona ngenxa yokuxoshwa wukulungiswa kwayo.

Yenziwa izinsuku ezimbili - edamini ngoDisemba 26 kwathi ngakusasa yayiswa eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC).

Umhleli wayo uMdu Ngcobo uthe i-ICC seyizoba yikhaya labo.

"Idamu ligcwele amanzi ngakho ngeke sikwazi ukwenza umcimbi khona. Kusuka manje sesizoba se-ICC lina noma lingani. Kule minyaka emibili edlule isimo sezulu besingasivuni ngenxa yokuguquguquka kwaso," kusho uNgcobo.

Uthe ngaphambi kokuthi idamu lilungiswe, bese kuvele kusezinhlelweni zabo ukuthi bathuthe khona.

"Wonke amafestivali e-jazz amakhulu asendaweni evalekile. ICape Town Jazz iba seConvention Centre kanjalo neJoy of Jazz iba seSandton Convention Centre. Yilokho nathi esikufunayo. Uma ubheka futhi izingwazi esaqala nazo azisekho. O-Bra Hugh, Jonas Gwangwa, Busi Mhlongo, Sipho Gumede, Ray Phiri baningi. Izinto zishintshile manje. Abantu esaqala nabo eminyakeni engu-21 edlule beno-35 no-20, bakhulile. Owaqala ena-40 una-62 manje. Lowo muntu ngabe usafuna ukuyohlala edamini? Izinto zishintshile nathi sifuna ukuba wumcimbi okwazi ukuthanyelwa yibo bonke abantu," kuchaza uNgcobo.

Uthe bazoba ne-jazz, RnB ne-Afro Soul.

"Usuku lomcimbi alushintshi wuDisemba 26. Indawo i-ICC futhi abantu bazoba sendaweni ephephile, izimoto zabo ziphephile futhi ngeke banethwe mvula."

Uthe eminye imininingwane ngomcimbi wanonyaka bazoyimemezela maduze.