Ezokungcebeleka

Isasasa uKabza de Small evula indawo yobumnandi

Fanelesibonge Bengu|Published

UKABZA De Small enandisa endaweni yakhe i-PianoHub eSoweto Isithombe: Instagram

Ivulwe ngesasasa indawo yobumnandi kaphrojusa womculo uKabza De Small, iPianoHub eSoweto, ngoMsombuluko ebusuku.

Le ndawo kubikezelwe ngayo ngasekuqaleni konyaka ukuthi izovulwa.

Ivulwe ngomcimbi iKabza & Friends lapho bekunandisa khona umnikazi nabangani bakhe.

Phakathi kwabebekhona kubalwa kubo uBlack Coffee, DJ Maphorisa, Shimza, Oscar Mbo, Pearl Thusi nabanye. Kufike nomrepha waphesheya, uBusta Rhymes, obenandisa emcimbini iDSTV Delicious Festival eKyalami, ngempelasonto.

U-OSKIDO noBlack Coffee beyokweseka uKabza de Small ngesikhathi evula indawo yakhe yobumnandi eSoweto Isithombe: Instagram

Ingwazi u-Oskido ihalalisele lo DJ ngokuvula iPianoHub.

“Sengathi ingaqhubeka njalo iPianoHub. Kabza sikufisela okuhle kodwa mfowethu. Usuwenze lukhulu kule ndima manje usulapha,” kusho u-Oskido.

Ukuvulwa kwale ndawo kususe ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana abanye bephawula ngentengo yeziphuzo, abanye bekhala ngobuhle babesifazane abasebenza khona.