Ezokungcebeleka

UThembi Seete uchaza ngazokwehlulela kokaMiss South Africa

Charles Khuzwayo|Published

UTHEMBI Seete, ungomunye wamajaji emqhudelwaneni kaMiss South Africa namhlanje, eSunBet Arena, ePitoli Isithombe:FACEBOOK

UMCULI wekwaito wodumo lweBoom Shaka, ongumlingisi uThembi Seete, wabelane nemithombo yezindaba ngazobe ekubheka emqhudelwaneni kanobuhle waseNingizimu Afrika, namhlanje ngo-6 ebusuku eSunbet Arena, ePitoli.

ULERATO Kganyago uzobe ehlulela namhlanje kuMiss South Africa eSunBet Arena, ePitoli Isithombe:FACEBOOK

UThembi obelingisa kwiGomora neYizo Yizo, njengomunye wabahluleli kulo mncintiswano kazime, uthe uzobe ebheke ukuthi iyiphi intokazi enokuzethemba, enothando, uzwelo, ubuholi nalokho okuzoyenza ihluke esixukwini eqhudelana naso.

"Isicoco akusona esabagabe ngobuhle bangaphandle kuphela kodwa nobangaphakathi, ukuzethemba nomehluko ongawenza. Ngakho kudingeka ube nguwe futhi bese wenza odume ngakho esteji," kusho uThembi, owaba yijaji kuma-Idols South Africa ngo-2022 nango-2023.

UThembi uzobe ehlulela kuMiss South Africa walo nyaka ngokubambisana nowake waba nguMiss South Africa noMiss World, uRolene Strauss, umlingisi ongumethuli wezinhlelo zethelevishini, uLeandie du Randt owake waba nguMiss South Africa owamela elakuleli kuMiss Universe nakuMiss World ngo-2001, uJo-Ann Strauss, nomsakazi weMetro FM owake waba wuMiss Soweto ngo-2002, uLerato Kganyago.

Amajaji azobe ehlunga emzuliswaneni wamanqamu kaMiss South Africa okudlana kuwo imilala izintokazi ezilishumi esezisele, okungoLebogang Khoza waseMgungundlovu, uKebalepile Ramafoko, uKirsten Khan, Layla Zoubair, uMia Le Roux, uNompumelelo Madina, u-Onalenna Constantin, u-Ontshiametse Tlhopane, uPalesa Lombard noTaahira Katz.

Kwabazobe benandisa kubalwa uJesse Clegg, Kamo Mphela, Lebo Mashile noZoe Madiga.

Yize konke sekumi ngomumo kodwa ukungena kukaChidimma Adetshina kususe umsindo emuva kokuvela kokuthi udabuka eNigeria.

Ugcine ephoqelekile ukuba ahoxe ngoLwesine emuva kokuvela kokuthi unina wambhalisa ngobugengu emahhovisi oMnyango wazaseKhaya. Phakathi kwabantu ebebeseka uChidimma kodwa abagcine bexolisile ngoLerato Kganyago noDJ Sbu.

*Lo mqhudelwano uzosakazwa bukhoma kuSABC 3 (DStv Channel 193) ngo-7.30 ebusuku.

UTHEMBI Seete ungomunye wamajaji emqhudelwaneni kaMiss South Africa eSunBet Arena, ePitoli namhlanje Isithombe:FACEBOOK