Ezokungcebeleka

Kushaqise abaningi ukufa komlingisi

Fanelesibonge Bengu|Published

UMLINGISI uMpho Sebeng okuthiwa ushone engozini yemoto ngeSonto ekuseni Isithombe: Instagram

Kushaqeke abaningi kuvela izindaba zokudlula emhlabeni komlingisi uMpho Sebeng okuthiwa ube sengozini yemoto izolo ekuseni.

UMpho (30) ulingise emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iThe Queen, Ring of Lies, Scandal, Saint and Sinners neminye.

Umethuli wezinhlelo zethelevishini uZola Hashatsi ubhale ekhasini lakhe ku-X ukuthi uMpho ufe engozini yemoto ngaseKlerksorp, ngeSonto, ekuseni.

Lishone elayizolo sebeqalile ukudlulisa amazwi enduduzo ezinkundleni zokuxhumana abantu abahlukene kulandela ukuvela kwezindaba zokudlula kwalo mlingisi obedabuka eSoweto.

Esithombeni agcine ukusifaka ekhasini lakhe ku-Instagram ezinsukwini ezintathu ezedlule, abantu bebedlulisa khona ukuphatheka kabi ngokushona kwakhe.

Ekhasini elibungaza abalingisi i-Actorspaces kubhalwe: “Besikuthanda. Lala uphumule nkosana. Ushiya isikhala esikhulu. Kufa ungaziqhenyi.”

Umlingisi uKanyi Mbau okhombise ukushaqeka ukuthi kube kuhle ukwazana nalo mlingisi.