Ezokungcebeleka

Bahambe nezindondo eziqavile abaseKZN kumaMetro FM

Nokubongwa Phenyane|Published

IQEMBU iBoom Shaka likhumbuza abantu la lisuka khoma emcimbini amaMetro FM awards nala lihlonishwe khona ngendondo yeLifetime Achievement Award noDJ Oskido IZITHOMBE: METRO FM (FACEBOOK)

BENZE ezibukwayo abaculi baKwaZulu-Natal abakhale bemuka nezindondo ezibalulekile emcimbini amaMetro FM Awards, eMbombela, ngoMgqibelo.

Kulo mcimbi, uMthunzi uklonyeliswe ngezindondo ezine ngengoma yakhe noKabza Da Small ethi, Imithandazo okukhona kuzo neyeSong of the Year.

ULwa Ndlunkulu uthole indondo ye-Artist of the Year.

Laba bobabili, babonge abalandeli ngokubeseka endimeni yomculo kusuka befika.

UMthunzi ubonge ithuba lokusebenza noKabza nelimbeke kulezi zinga asekulo.

“Ngiyambonga kuKabza ngokunginika ithuba lokusebenza naye njengoba senze ezibukwayo kulo mcimbi. Angikukholwa okwenzekile kodwa okukhulu nakakhulu ukuthola uxhaso kubalandeli bami abangesekile kusuka ngifika emculweni ngisemncane,” kusho uMthunzi.

ULwa, Isolezwe elizamile ukuxhumana naye izolo, kodwa ucingo lwakhe beluvaliwe, ebonga esiteji uveze ukuthi akanawo amaningi wabonga abalandeli bakhe, uBig Zulu nabo bonke asebenze nabo emculweni.

Kuwona lo mcimbi kuphinde kwahlonishwa abaculi abaneminyaka engu-30 nangaphezulu beyibambile endimeni yomculo.

IBoom Shaka noDJ Oskido bahlonishwe ngezindondo zeLifetime Achievement Awards.

U-DJ Oskindo ebonga indondo ahlonishwe ngayo neyethulwe umethuli wezemidlalo u-Andile Ncube

U-Oskido ubonge ithuba lokuhlonishwa ngale ndondo esaphila wathi umsebenzi awenze endimeni yomculo kuye usho lukhulu.

Yize umcimbi ubunabo ubuhixihixi bomsindo kodwa ubuhle bemfashini ebigqokwe ngosaziwayo kuwenze waba undabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana.

Ukungafiki kwabaculi akade beqokiwe bezolanda izindondo abahlonishwe ngazo kuphinde kwagqama.

Abaculi abafana no-A Reece, Ntokozo Mbambo, Tyla bebengabonwa. Lokhu kwenzeka nangonyaka odlule emcimbini wamaSAMA.

Abaculi ingoma yabo engenisile kuTik Tok nengenisile nakwamanye amazwe apheshela ethi Tshwala Bam, eculwa uTitom noYuppe, ihlabane ngendodo yeBest Viral Challenge.

ULUTHANDO Sosha odume ngelikaLootlove noProverb akade bengabaphathi bohlelo IZITHOMBE: METRO FM(FACEBOOK)

UMakhadzi no-Aymos bahlonishwe ngezindondo yeBest Female neBest Male.

Iqembu iThee Legacy lihlonishwe ngendondo yeBest Group.

ULWA Ndlunkulu okhale wemuka nendondo ye-Artist of the Year

UBassie no-Aymos bakhale bemuka nendondo yeBest Music Video ngengoma yabo ethi Izenzo.

Abanye abaculi abakade beqokwe kakhulu okubalwa kubo uMorda neqembu Izinkabi Zezwe bagoduke beshwiba izandla.

Abanye abawinile:

Best Dance

Zake Bantwini ft Skye Wanda, Thakzin & Suffocate SA- Mama Thula

Best Gospel

Ntokozo Mbambo