Ezokungcebeleka

Bebungalokothwa utshwala emgubhweni wePhasika lamabhinca

Charles Khuzwayo|Published

YINGXENYE yezicukuthwane ebezihambele uMgubho wePhasika lamabhinca esigodini saseShowe, KwaNgcolosi ngeSonto. Kwesokunxele uMnuz Jerry Pooe, Inkosi uThandizwe Gwala, Inkosi uBhekisisa Bhengu nenduna uMnuz Mzonjani Mbonambi Isithombe:THOKOZANI NDLOVU

BEZINGAPHEZU kweshumi izizwe ebezihambele umgubho wePhasika lamabhinca esigodini saseShowe, KwaNgcolosi ngeSonto.

Amatshitshi akwaShelela KwaNgcolosi

Izinsizwa nezintombi, ebeziliqhamukisa ezifundeni zaKwaZulu-Natal, bezingangoZulu eya eMakheni futhi zihlobe ngemvunulo ehlukahlukene. Induna yaKwaNgcolosi, uMnuz Mzonjani "Mbuyazi" Mbonambi, uthe lo mgubho sewuneminyaka engaphezu kwewu-60 ubanjwa ezigodini ezahlukahlukene.

Uthe okwenza kuhlale kunokuthula noxolo kuwo ukuthi kwavalwa utshwala. Uthe baqale ngoMgqibelo njengoba amaqembu abesina ededelana ngengoma yefolo nekashameni.

"Akekho amaphoyisa kahulumeni ngoba kuhlale kuyinjabulo futhi kuheleza umoya wokuthula kuphela. Akukho nsizwa exabana nenye kodwa zisuke zizishelela ezintombini," kuphetha uMbuyazi.

IBhekuphiwa yaseMaphephetheni

Inkosi yaKwaNgcolosi, uBhekisisa Bhengu uthe umcimbi ubaluleke kakhulu ngoba kusuke kuhlangene izizwe ezahlukahlukene zizogubha uMkhosi wePhasika ngokwesintu.

NeNkosi yaseMaphephetheni, uThandizwe Gwala, ithe ayivamisile ukusala uma kunomgubho wePhasika lamabhinca ngoba ikukhonzile ukucupha njengezinsizwa zesizwe sayo. UGwala ukushayele elikhulu ihlombe ukuvalwa kophuzo oludakayo uma kunalo mcimbi.

Izintokazi zaseSikhelekehleni KwamaFunze nezeSilwane saKwaMhlola

Umphathi wesikhungo sezobuciko esiKwaNgcolosi, uMnuz Jerry Pooe uthe bathathe isinqumo sokuba yingxenye yomkhosi walo nyaka ngoba egezwe ubebebe ingqikithi yawo.

Uthe basazoqhubeka nokubamba iqhaza kuwo ngoba ugqugquzela amasiko esintu, inhlonipho nokuziphatha ezizweni. Kulo nyaka lendumezulu yomcimbi beyigqugquzelwa yiSilwane SakwaMhlola, okuyisigodi saKwaNgcolosi.

Isolezwe ebelizifikele mathupha lizibonele izinsizwa nezintombi bevunule ngemifaniswano enhlobonhlobo.

Bekukhona ebezivela KwaMafunze eMgungundlovu, KwaNyavu, eMalangeni eNdwedwe, KwaNyuswa nakwezinye izindawo. Izizwe ngezizwe bezihlaliswe ezindlini zikarawondi, kuqhuma umvumo nengoma.

Izicukuthwane bezihlaliswe etendeni. Bekufinywa ngendololwane futhi kwehliswa izintuli ngenemenayidi namahewu.