Ezokungcebeleka

Buka: UBlack Coffee, Julius Malema, Oskido bezitika ngezamzukwana

Fanelesibonge Bengu|Published

UBlack Coffee noDJ Oskido behlangene bedlala umculo ngempelasonto Isithombe: Sithathwe kwi-video

Bahlanganyele bazikhumbuza ezamzukwana oDJ Black Coffee, Oskido nomholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema ngempelasonto.

U-Oskido ufake ivideo ezinkundleni zokuxhumana lapho ethe bazitika khona ngomculo okuma-vinyl kaBlack Coffee.

“Sibheka ukusebenza ngokuzikhandla kweminyaka edlule osekushintshe kwaba ngamapiano, Afro Tech nokunye. Umculo awushintshanga kuphela isigqi kodwa uthuthukise umnotho wavula indlela yokuthi kunothe nezizukulwane ezizayo,” kubhala u-Oskido

UMalema ubhale ku-X ukuthi wubusuku behlangene bengabesilisa kuphela.

Lapho behlanganyele khona kubonakala uBlack Coffee edansa engasakufakile okokusekela intamo ayekugqoke muva nje ngesikhathi uMengameli Cyril Ramaphosa ethula inkulumo ebhekiswe esizweni eKapa.

Wayekufake ngemuva kokulimala engozini ebhanoyini ngenyanga eyedlule.

Abanye abakhona ngumngani kaBlack Coffee owayecula naye kwiShana, uShoba nelungu le-EFF, uVuyani Pambo.