Ezokungcebeleka

Iyashuba ekaDJ Maphorisa noPrince Kaybee

Fanelesibonge Bengu|Published

Prince Kaybee noDJ Maphorisa

Ithathe elinye igxathu inkulumo yasezinkundleni zokuxhumana phakathi kwabadidiyeli bomculo uDJ Maphorisa noPrince Kaybee sebejikijelana ngamazwi.

Indaba isuswe yi-video kaDJ Maphorisa lapho ebezwakala khona ethi uma uqopha umculo e-studio sakhe futhi usebenzisa zonke izinto zakhe, lowo mculo ngowakhe.

“Yimi engithenga ukudla, yimi othenga amanzi… ugesi wami, ikhompyutha yami.”

Uthe abantu kumele baqonde ukuthi uma usebenza e-studio somuntu lowo msebenzi akuwona owakho.

Yilapho uPrince Kaybee ephawule khona wathi ukukhula kumenze washintsha akholelwa kukho.

“Uma kumele kube khona obhala ingoma, enze isigqi futhi ayenze kahle bese wena uba wumnikazi wayo yonke into ngoba nakhu uthenge iNandos nogesi?” kubuza uPrince Kaybee.

Kuphinde kwavela enye i-video kaDJ Maphorisa okukholakala ukuthi ubephendula uPrince Kaybee embuza ukuthi ugcine nini ukuba nengoma eshisa izikhotha.

“Mina ngisho ngabe angididiyeli ngisengacula, ngisengarepha futhi ngisengacula. Wena wenzani?”

Ubuze ukuthi ubani amsizile osenendlu noma oqashile osenemoto.

Umbize nge-porn star.

Lokhu kusukela ekuputshukeni kwe-video yocansi kasaziwayo uCyan Boujee uCyan athi wayelwenza noPrince Kaybee.

UPrince Kaybee ubuye waphendula wathi ubazi ukuthi kuzokhulunywa ngokuba yi-porn star wathi kwaba yishwa empilweni yakhe ukuthi kube khona ovezela umhlaba isitho sakhe sangasese.

“Nami ngingasebenzisa izinsolo zakho zokushaya umuntu wesifazane kodwa akuyona inkulumo mpikiswano.”

UDJ Maphorisa wavulelwa wumlingisi uThuli Phongolo icala lokushaya.

Uthe uyaphikisana nokukholelwa wuMaphorisa.