Ezokungcebeleka

Injabulo uTrevor Noah ewina indondo

Fanelesibonge Bengu|Published

Usomahlaya uTrevor Noah ugqamise iNingizimu Afrika enqoba indondo kuma-Emmy Awards, eLos Angeles, ngoMsombuluko ebusuku Isithombe: Instagram

Uhulumeni waseNingizimu Afrika uhalalisele usomahlaya wakuleli, uTrevor Noah, ohlomule ngendondo kuma-Emmy Awards abeseLos Angeles ngoMsombuluko ebusuku.

UTrevor unqobe emunxeni we-Outstanding Talk Series ngohlelo ayelwethula iThe Daily Show. Lo somahlaya ushiye kulolu hlelo ngoDisemba 2022 ngemuva kweminyaka eyisikhombisa elushayela.

Ikhasi likahulumeni kwi-X libhale ukuthi: "SinguMzansi sihalalisela omunye wethu @TrevorNoah ngokuwina indondo ye-Emmy kwi-Outstanding Talk Series ngeThe Daily Show with Trevor. Uliqhawe emaqhaweni!"

Ekhuluma ngesikhathi emukela indondo uTrevor ubonge bonke abantu base-Afrika abahambe naye ukuya e-United States of America, uDavid Kibuuka noJoseph Opio abangababhali bohlelo.

Ubonge nabadidiyeli nabanye.

UNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uZizi Kodwa umhalalisele wathi uyaqhubeka nokugqugquzela.

"Wena no @davidkibuuka nikhombise ithalente laseMzansi kwi @TheDailyShow."