UMLINGISI u-Enhle Mbali Mlotshwa
Unkosikazi kaBlack Coffee asohlelweni lokwehlukanisa naye, u-Enhle Mbali, uthe abantu kumele bakwamukele ukuthi ubudlelwano babo sebaphela.
U-Enhle ongumlingisi ukusho lokhu kwi-video ayiqophe bukhoma ekhasini lakhe le-Instagram.
Uqale waveza ukuthi uthumele uBlack Coffee i-email emfisela ukululama njengoba elimale engozini eyenzeke ebhanoyini esendleleni eya e-Argentina, ngempelasonto eyedlule.
“Mina ngenhliziyo yami ngithumele i-email ngithi hawu phephisa, nxese, uphole ngoba umama ungifundise kanjalo. Angitholanga yini i-email ethi yeka ukwenza engathi unendaba?” kusho yena.
Uthe akanendaba naye kodwa unendaba nesimo sakhe sempilo ngoba enezingane naye futhi uzikhathalele izingane zakhe.
“Ngiyajola bafowethu. Ngiyajola futhi kumnandi. Ngiyekeleni. Nginenkululeko engiyijabulelayo njengamanje Ngiyekeleni. Angiphoqelekile ukunitshela ngempilo yami yangasese kodwa ngicabanga ukuthi uJanuwari, ngizwa ngathi kumele ngiyikhiphe esifubeni sami ukuze nizokwazi ukuthi niziphathe kanjani kusuka manje kuya phamnbili,” kusho yena.
Uthe sekuphele iminyaka eyisithupha bahlukana futhi abantu kumele baye kubeluleki bengqondo ukuze bayidlulise ngoba uyabona ukuthi ibaphethe kabi.
Uthe udaba lesehlukaniso luzongena enkantolo ngoNovemba futhi “nivumelekile ukuthi nize enkantolo nonke.”
Uthe abantu kumele bayeke ukuthi uma bembona emuhle bethi uBlack Coffee walahlekelwa kodwa abaqhubeke nempilo yabo.
Uthe ubeka izingane zakhe phambili.
“Yingakho ngithumele i-email ngithi “Thixo wami yishwa leli. Ube ngcono.’ Bengenzela izingane zami kuqala. Awufuni ukubona umuntu ebhekene nesimo esinje noma afe enezingane. Kodwa kuyisicefe ukuthi ngithole imiyalezo ingibuza ukuthi ‘uzizwa kanjani manje ngokuthi uBlack Coffee unengane esanda kuzalwa?”
“Anginendaba, yimpilo yakhe. Wonke umuntu kumele aqale aqonde manje ukuthi ngamshiyela isizathu futhi abantu besifazane bathatha isikhathi eside ukuthatha isinqumo sokuthi bahambe futhi kungithathe isikhathi.”
UBlack Coffee unameke isitatimende ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ulimale engozini ebhanoyini. Yize kungavezwanga mininingwane kodwa i-Daily Mail ibike ukuthi kube nokugudluzeka kanzima emoyeni kwebhanoyi walimala.
Isikhulu senkampani yamabhanoyi iFlyZulu Aviation, uJoseph Matebane, sithe kungenzeka ukuthi ubengalifasile ibhande wase washaya phezulu ngekhanda walimala nomgogodla eseshayeka phansi noma esihlalweni.
Related Topics: