UBlack Coffee olulamela esibhedlela ngemuva kwengozi Isithombe: Instagram
Ulimale kanzima emzimbeni wahlinzwa uBlack Coffee obe sengozini ebhanoyini esendleleni eyonandisa eMar Del Plata, e-Argentina.
NgoLwesithathu ebusuku kufakwe isitatimende emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana siqinisekisa ukulimala kwakhe.
“Singakuqinisekisa ukuthi uthola ukwelashwa okusezingeni futhi unomndeni omesekayo nethimba lakhe,” kusho isitatimende.
Ngokwe-website yezindaba yase-United Kingdom, iDaily Mail, kubikwa ukuthi lo DJ ubesendleleni eyonandisa endaweni yobumnandi iMute ngeSonto ngesikhathi kwenzeka ingozi ebhanoyini lakhe. Kuthiwa uyalulama ngemuva kokuhlinzwa njengoba eshayeke kanzima emzimbeni.
Isitatimende esikhishwe yiMute sashicilelwa ngabezindaba e-Argentina sithe: “Balandeli base-Argentina, uBlack Coffee kumphatha kabi ukunazisa ukuthi ngemuva kokugudluzeka kanzima emoyeni (air turbulence) ebhanoyini lakhe esuka eFlorianopolis eya eMar der Plata, uphoqeleke ukuthi ayothi cababa ngokushesha eMontevideo Airport (enhlokodolobha yase-Uruguay). Ulimale kanzima emzimbeni futhi njengamanje usemtholampilo kulona leli dolobha ngaphansi kweso lodokotela.”
IDaily Mail ithe abezindaba kuleli yazwe bathe lesi sitatimende sikhishwe ngaphambi kokuthi ayohlinzwa.
UBlack Coffee ubenandisa eBrazil ngaphambi kwesigameko.
UNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uZizi Kodwa, umfisele ukululama okusheshayo.
“Sewenze okuningi ukuphakamisa umculo waseNingizimu Afrika uwubeke ezingeni lomhlaba. Ngikhulume nomndeni kaBlack Coffee izolo (ngoLwesithathu) ebusuku onaye,” kubhala uKodwa.
Iqembu lezepolitiki i-Economic Freedom Fighers nalo limfisele ukululama lathi linaye emthandazweni.
Kusuka kuphume isitatimende, kunemibuzo kwabanye ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kwenzekeni. Abanye basabalalise i-video abathi ikhombisa isigameko senzeka nengaqinisekiswanga.
Related Topics: