Ezokungcebeleka

Isingenise phesheya ekaMthandeni SK

Fanelesibonge Bengu|Published

Isilomo sikamaskandi uMthandeni SK Isithombe: Instagram

Isifike naphesheya kwezilwandle ivideo yomculi kamaskandi uMthandeni SK ngesikhathi ewa emcimbini wokuhlukanisa unyaka iLast Dance Music Festival, eMgungundlovu, ngoDisemba 31.

UMthandeni SK, onengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi Paris apike kuyo uLwah Ndlunkulu, wawa ethi ugxuma esiteji uya phansi otshanini.

Wayelandela amagidangoma akhe wona ayesehlile phansi esegida otshanini.

Ngesikhathi egxuma, kwakumanzi phansi njengoba izulu lalikade liyidliva, wawa washayeka phansi ngezinqa nangomhlane kwaphuma isigqoko.

Wabonakala eqhubeka nokunandisa kodwa esengcolile ngemuva ezimpahleni ezimhlophe ayezigqokile.

Umrepha waphesheya uSnoop Dogg ufake le video ekhaisini lakhe lika-Instagram abalandeli bakhe baphela yinsini.

UMthandeni ufake ekhasini lakhe likaFacebook ngoLwesihlanu ekuseni ukuthi uzwe ngomshana wakhe ukuthi ivideo isifike nakuSnoop Dogg.

Selokhu ivideo yavela, abantu balokhu beyisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana, abanye beyenza ihlaya. Imbangi kaMthandeni, uKhuzani, yayifaka kuFacebook yathi isifundo esikuyo wukuthi uma uwa kumele uvuke uqhubeke nomsebenzi.