Ezokungcebeleka

Udonse izivakashi umcimbi wakaMax

Nokubongwa Phenyane|Published

UCindy Makhathini ongomunye wosaziwayo abebehambele i-All White Party eMax’s Lifestyle, eMlaza, ngempelasonto Izithombe: Sibonelo Ngcobo

BEKUGQAME ubuso bezivakashi eziqhamuka kude emcimbini i-All White Party, ebisendaweni yobumnandi iMax’s Lifestyle, eMlaza ngoMgqibelo.

Lamiez Holworthy

Lo mcimbi obuwenziwa okwesine kulo nyaka, kuwona bekugcwele osaziwayo nosomabhizinisi abadumile ezinkundleni zokuxhumana abazinze eGoli.

BEKUNGEKHO nendawo yokunyathela eMax’s Lifestyle eMlaza ngoMgqibelo njengoba bekunomcimbi owenziwa njalo ngoJanuwari i-All White Party nedonsa amehlo abantu abaningi njengoba isuke ibophele osaziwayo abahlukene Izithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT MEDIA

Kwabebehambele umcimbi kubalwa uHlubi Nkosi nabanye abebethenge amatafula akade emba eqolo.

Goldmax

Ubumnandi bebubuzwa kuwona lo mcimbi njengoba abantu beqale ukutheleka kungakashayi ngisho u 12 emini.

Dlala Thukzin

Izimoto zikanokusho bese zigcwele endaweni yokupaka khona kule ndawo obekukhona kuzo eziqhamuka eGoli, Mpumalanga, Free State nakwamanye amadolobha.

Indawo yokuhlala iyona obekubukeka kuyiyo abantu abafuna ukuyigcina njengoba bekucaca ukuthi izophela.

Ngempela kuthe kushaya ihora lesihlanu ntambama abantu bese beqalile ukutheleka kule ndawo kwase kuqala umcimbi.

Osaziwayo okukhona kubo uNomuzi Mabena, Cindy Makhathini, Somizi Mhlongo, Babalwa Mneno bebeyingxenye yosaziwayo abebelindwe ngabomvu kulo mcimbi.

Sjava

Inkinsela yaseThekwini uShauwn Mkhize osejwayelekile ukubonakala kulo mcimbi akabonwanga nangalukhalo.

Izithameli zomcimbi zijabulele umculo woDJ okukhona kubo uDlala Thukzin, DJ Tira, Lamiez Holworthy, Goldmax, Sjava nabanye.