Ezokungcebeleka

Unqunyelwe ugwayi katiki uNgizwe ngolwemoto kanokusho

Nonkululeko Nhlapo|Published

UNQUNYELWE ugwayi katiki ukuba abuyisele ingqovungqovu yemoto abexhaswe ngayo yinkampani, iJac Motors Port Shepstone, abetetemuka ngayo owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu kulandela inkulumo yakhe enenhlese yokucwasa ngokobuhlanga.

Lokhu kulandela umhlangano wale nkampani namalungu e-Economic Freedom Fights abelokhu efake njalo ingcindezi nasezinkundleni zokuxhumana ukuba le nkampani iziqhelelanise noMchunu ngemuva kwenkulumo yakhe ecwasayo.

UMchunu waba sematheni isonto lonke ngemuva kwenkulumo yakhe yangoMgqibelo ekuseni lapho aveza khona ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natal ngesamaZulu kuphela, kungani umholi we-EFF efuna ukuzokwethula umkhankaso wakhe kulesi sifundazwe angayi ukuyowethula eLimpopo lapho adabuka khona.

Lokhu akwehlanga kahle kubantu bakuleli ezinkundleni zokuxhumana kukhona nosaziwayo abaphumela obala ngokugxeka le nsizwa ezibiza ngomengameli wamabhunca.

Umsindo waqhubeka Kwaze kwaba wukuthi wehlela ngezansi uMchunu ngencwadi yokuxolisa ebhekiswe kubo bonke abantu bakuleli ikakhulukazi labo engahlalanga kahle kubona.

Uxolisa nje sekonakele ngoba ubuholi be-EFF esifundazweni bese buhlele umhlangano wokuphoqa iJac Motors ukuba imjezise ngenkulumo yakhe ecwasayo.

Nebala kwenzeke njalo njengoba le nkampani ikhiphe isitatimende sokuthi alingashoni elangoLwesihlanu engabuyisanga impahla yabo yesivumelwano sobudlelwane babo. Lokhu kusho ukuthi uMchunu kumele abuyisele emuva ingqovungqovu yemoto ayixhaswe ngayo.