Ezokungcebeleka

UDJ Zinhle akanandaba nokumataniswa nokuthandana nabesifazane

Nokubongwa Phenyane|Published

UDJ Zinhle oseveze ukuthi akanankinga nokumataniswa nokuthandana nabanye besifazane njengoba esolwe kanjalo uMusa Khawula osezakhele igama ngokuthamunda izindaba zosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana Isithombe: SIGINIWE

UNtombezinhle Jiyane odume ngelikaDJ Zinhle uthe akanandaba nokumataniswa noma ngokubizwa ngomuntu wesifazane othandana nabanye abantu besifazane. Uthe lokhu akulona iqiniso kodwa abantu uma beqhubeka bekusho, akudikizi nqulu kwazise ukuthandana nabanye abantu besifazane akuyona inkinga.

Lokhu kulandela ukuthi efake isithombe sakhe enkundleni yokuxhumana i-X, la kade eqabulana khona nomyeni wakhe uBongani “Mörda” Mohosana.

Kusuke enkulu impikiswano ngemuva kokuthi unontandakubukwa wakulezi zinkundla ozondwa kakhulu osaziwayo, uMusa Khawula, ophinde abe wumbhali ozimele ebhale ukuthi “UMurdah Bongz nonkosikazi wakhe uDJ Zinhle ongafuni ukuvuma ukuthi unemizwa yokuthandana nabanye besifazane”.

Abanye abalandeli balo DJ, bamgqugquzele ukuthi amthathele izinyathelo ngoba ukhuluma into engekho.

Omunye wabalandeli bakaDJ Zinhle, u@_simplyenny uthe “Ngicela umbophe Zinhle”.

Eziphendulela uDJ Zinhle uthe akanandaba nokushiwo uMusa ngaye.

“Akukho okungiphatha kabi ngokufaniswa nowesifazane ongathandana nabanye abantu besifazane. Akulona iqiniso lokhu akushoyo, kodwa futhi akungiphathi kabi njengoba kungekho okubi ngabantu abaphila le mpilo,” kuphendula uZinhle.

Lo nontandakubukwa ukhuluma kanjena nje, sekujwayelekile ukuthi lo DJ ayamaniswe nabesifazane abathandana nabanye besifazane. Kuyo yonke imibhalo uhlale ewuhlaba inhlali.

Abalandeli bakaZinhle bamshayele izandla ngendlela aphendule ngayo bathi ikhombisa ukukhula.

U-@EsonasihleM uthe “Ngiyayithanda indlela ophendule ngayo”.

U-@Lee_Mov1 uthe “UM uzama ngayo yonke indlela ukufuna ukunakwa”.

U-@ausiGo_Slo uthe “Uyindlovukazi ngempela indlela ophendula ngayo ikhombisa ukukhula”.

UZinhle nomyeni wakhe uBongani bashaqe abaningi bememezela izindaba zokuthi bashadile ngasekupheleni konyaka odlule.

Ohlelweni lukaDJ Zinhle i-Unexpected kwisizini edlule kwavela abakaMohosane bezolobola, nokwathi ngemuva kwalokho baqinisekisa izindaba zokuthi sebengumfazi nendoda.