Ezokungcebeleka

Usaziwayo omncane ubaqwaqwade emakhanda

Charles Khuzwayo|Published

UNATASHA K uvukwe wumunyu emukela umklomelo weBest Popular Song kuma-1KZN TV Prestige Awards e-Aloe Lifestyle Hotel, eShowe Isithombe:SITHUNYELWE

USAZIWAYO osemncane waKwaMaphumulo, uMinenhle "Natasha K" Khoza, uvukwe wumunyu, wakhala mi izinyembezi ngesikhathi emukela indondo yeBest Popular Song of the Year kuma-1 KZN TV Prestige Awards, e-Aloe Lifestyle Hotel, eShowe ngoLwesine.

UNatasha K (10) ubeqokwe emkhakheni weBest Popular Song, Best Amavukane/Newcomer, Best Traditional Gospel Song noweBest Popular Artist ngomucu wakhe osihloko sithi Uzube Nami.

UNATASHA K uhlabane ngomklomelo weBest Popular Song of the Year kuma-1KZN TV Prestige Awards e-Aloe Lifestyle Hotel, eShowe Isithombe:FACEBOOK

Unina walo mculi, u-Amanda Khoza, uthe ujabule kakhulu ngokuvelela kwendodakazi yakhe ebiyenza uGrade 5 eRydalvale Primary, ePhoenix ngoba ziningi izingqinambi adlule kuzo nayo. Uthe uNatasha K ubekhumbula ugogo wakhe osanda kudlula emhlabeni okunguye omkhulisile.

UNatasha K ohlala e-Avoca Hills, eThekwini kodwa odabuka KwaMaqumbe, KwaMaphumulo, uqale ukuzakhela udumo ngokuvela kuTikTok ehlabelela izingoma zabaculi abadumile bakamaskandi.

Ngesikhathi esecula ekaNjoko esihloko sithi Baba KaMelo, uNatasha K wayengazi ukuthi sekuvumbululeka ikhono lokucula.

U-Amanda uthe uNatasha K ubelokhu ehlabelela izingoma zabaculi abadumile bese yena emqopha ngefoni afake ama-video akhe kuTikTok.

"Wathi uma uNjoko eyithola wacela ukuhamba naye ngesikhathi eyonandisa kwiMpucuzeko Maskandi Festival eMoses Mabhida Stadium. Wathi uma evela khona, kwanabaculi abaningi abafuna ukuqopha naye."

U-Amanda uthe uNatasha K uqale ukuqopha okokuqala e-studio noLuve Dubazane ingoma esihloko sithi Themba Lami Ungangishiyi. Uthe uJumbo owamthinta wacela ukusiza uNatasha ukuze abe nengoma yakhe.

"Emuva kwalokho ube eseqopha no-Airic woJu Records ingoma ethi Sobonana Nini. Le ngoma esishisa izikhotha manje, esihloko sithi Uz' Ubenami (ahambisana kuyo noMolly M no-Airc) ,iphume ezinyangeni ezedlule."

U-Amanda uthe iphupho lendodakazi yakhe, enguzinyobulala kuye, ukugcina ingudokotela nokuhamba ezinyathelweni zabaculi asebezakhele igama kuleli, okunguLwah Indlunkulu, Qwabe Twins noNomfundo Moh.

Kulo nyaka uNatasha K uthole ingqayizivele yokudlala ibhola noKhuzani, DJ Tira, Big Zulu, Cassper Nyovest, Siyabonga Sangweni, Dumi Mkokstad nabanye kwiCelebrity Game.

*Abanye abawinile kuma-1KZN TV Prestige Awards ngoMagcwabe ohlabane ngeBest Artistic Poet kwathi Ababekezeli bawina eyeBest Mbhaqanga Song neyeBest Mbhaqaga Group.