Ezokungcebeleka

Kuphelile ngekhwaya yaseMthwalume

Nokubongwa Phenyane|Published

IKHWAYA yaseMthwalume, iMzumbe Inspirational Choir, osekuvele izindaba ezithi kuphelile ngalo njengoba umnikazi walo ekhala ngokuba nzima kokulisebenza Isithombe: SITHUNYELWE

Kuphelile ngekhwaya ebunjwe ngabantu abasha, iningi okungabafundi bezikole ezahlukene eMthwalume, iMzumbe Inspirational Choir, ngemuva kokuthi umsunguli wayo ekhale ngobunzima bokuyisebenza.

Le khwaya enamalungu angu 26, isungulwe ngo-2020. Ike yaqokwa kumaCrown Gospel Music Awards ngo-2021 emunxeni weBest Traditional Gospel ngengoma yayo ethi Bayede Ngonyama. Ike yapikwa nguZandie Khumalo kwi-EP yakhe iZenala futhi ike yasebenza noMnqobi Yazo.

Umsunguli wayo, uXolani Majozi, weSold Out Media, uthe ikhwaya bayivale ngenxa yokuthi bekuba nzima ukuyonandisa ngezinye izinsuku ngoba amalungu amaningi ayafunda.

“Sayivula ngenhloso yokuhlwaya ithalente. Ezinye izingqinamba ebesiba nazo wukuthi uma sithola umsebenzi ophakathi nesonto, besingakwazi ukuyonandisa ngoba umthetho awuvumi ukuthi sikhiphe izingane esikoleni.

Asizisoli kodwa ngokwakha iqembu ngoba inhloso kwakungukuthuthukisa ithalente besebancane,” kusho uXolani.

Uthe amanye amalungu eqembu asekhulile aseqopha ngokuzimela futhi amanye azoba yingxenye yeqembu elisha alibumbayo.

Leli qembu alibumbayo uthe uzolihlanganisa ngenhlolokhono azoba nayo eBongu Cele Secondary School, eMthwalume, ngoDisemba 19.

Uveze ukuthi kule nhlolokhono bafuna abaculi nabadansi.

“Ngemuva kokuthi sakhe istudiyo somculo eMthwalume, baningi abahlale besicela ukuthi bafuna ukucula. Abanye bafuna ukulingisa, ukudansa nokunye okuthinta amakhono.

Sibone ukuthi indlela engcono wukwenza inhlolokhono, sikhethe esizosebenza nabo ezintweni esizozenza. Sizothatha abangu-16 abacula umculo wokholo, sibumbe iqembu elisha.

Sifuna abaneminyaka engaphezu kuka-18, ukuze sikwazi ukubathola ngisho phakathi nesonto uma kumele sizilolonge. Abanye sizobafaka emdlalweni weshashalazi esizowenza, obizwa ngeSoul Sisters,” kusho uXolani.

Uthe umdlalo ukhuluma ngezingqinamba abantu, ikakhulukazi abesifazane, ababhekana nazo kwezobuciko uma befuna ukuphumelela.

Uthe inhlolokhono izoqala ngo-9 ekuseni futhi bafuna abantu baseMthwalume namaphethelo kodwa nabakwezinye izindawo bavumelekile.