U-MKAY ongumsakazi kuGagasi FM uthi ufuna ukushiya umaka kulo mkhakha akuwo ongeke ulibaleke kalula ISITHOMBE: SITHUNYELWE
UVULELEKE ekutheni enze noma yini uma nje ithinta umsakazo uMthokozisi Mbele owaziwa ngelikaMkay emsakazweni iGagasi FM.
UMkay waKwaDabeka uthi umkhakha wobumnandi yinto angene kuyo esemncane njengoba ezifela ngomculo, nokwathi esahamba lelo banga wazithola esenothando lokusakaza.
Ekhuluma neSolezwe, lo msakazi owenza uhlelo Umsindo Take Over ngoMgqibelo, ngo-4 ntambama kuya ku-7 ebusuku ngokubambisana noSphokuhle, uthi ngonyaka nje owodwa engene emsakazweni iGagasi uyayibona imisebenzi yokuzikhandla kwakhe.
“U-matric ngiwuqede ngo-2018, esikoleni iPinetown Boys. Ngesikhathi ngiqeda isikole, into engangifuna ukuyenza ukugxila emculweni wami, kodwa kusenjalo uthando lokusakaza lwangena kimi. Ngangenza unyaka wesibili eNyuvesi yaKwaZulu-Natal esikhungweni sase-Edgewood, ngenza iziqu zobuthishela, esengiziqedile manje.
“Emsakazweni ngaqala ukuya khona ngiphelezela umngani wami owayeyokhuluma ngomsebenzi wakhe esiteshini iDurban Youth Radio (DYR) ngo-2019. Ngathi ngifika khona ngayithanda kakhulu indlela umsakazo oyiyo. Kwathi uma umngani wami eqeda ngacela i-email yomsakazi esasikhuluma naye, uKevin Brown, nokwathi ngifika ekhaya ngamthumelela konke okuthinta mina nothando enginalo ngomsakazo, ngempela bangibiza ngaqala ngasebenza khona,” kusho uMkay.
Uthe kulo msakazo uqale engena ebusuku kodwa wagcina emini ngempelasonto enza izinhlelo okukhona kuzo iDYR Hot 30, Hot Drive nezinye.
“Ngagcina ngibambela nabasakazi abangekho nokwangenza ngakhula kulo mkhakha. Ngo-2021 mina nabanye abasakazi sasizikhulumela nje eyokuthi kumele sikhule futhi sikwazi ukuthola amasenti ngomsebenzi esiwenzayo. Kwangigqugquzela nokuxhumana noMakhosi Khoza.
Ngokuhamba kwesikhathi, ngahlangana no-Alex Mthiyane engamthumelela i-demo yami, ngezwa ngemuva kwezinsuku ezimbalwa bangibiza ngizokwenza inhlolokhono phambi kwabo. Ngemuva kwalokho kwathiwa angifike ngizoqala umsebenzi,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi kwiGagasi usebenze nabantu okukhona kubo uDJ Happygal ohlelweni iV session olungena ngoMgqibelo kanjalo noTee Xaba.
Uthe uke waqokwa ngo-2021 emcimbini wezindondo amaLive Your Dream Awards.
Manje uveze ukuthi umatasa nomculo wakhe njengoba efuna ukukhipha i-albhamu ye-Afro pop ne-Afro soul, okuwuhlobo lomculo awenzayo.
Emsakazweni uthe ufuna ukukhula azakhele igama elingeke lilibaleke kalula.
*Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]
Related Topics: