Ezokungcebeleka

Kuhlukane imibono ngothando lukaTall A$$ Mo noMome

Nokubongwa Phenyane|Published

UTALL A$$ Mo nonkosikazi wakhe uMome asebememezele izindaba zokuthi sebebuyelene yize beke baveza ukuthi sebehlukene futhi balinde ukuqeda ngesehlukaniso sabo ISITHOMBE: X

BAHLUKENE phakathi abakuleli ngokubuyisana kwabashadikazi abadumile usomahlaya uTall A$$ Mo ogama lakhe uMongezi Mahlangu nomkakhe uMome.

Ezinyangeni ezedlule uTall A$$ Mo uphumele obala ngokuphela komshado wakhe eveza ukuthi bamatasa balungisela ukuthi behlukanise.

Ukuvela kwalezi zindaba kwagqama ngemuva kokuthi sekuphele unyaka uTall A$$ Mo ekhishwe phambili ecaleni lokudlwengula okwakuthiwa uvulelwe lona umkhangisi uLerato Moloi.

Mayelana nokwehlukana kwabo, lo somahlaya waveza ukuthi ukukhula yikhona okuholele ekutheni bathathe isinqumo sokuqeda ngomshado wabo.

Waveza ukuthi yena akasaziboni eba sothandweni nowesifazane webala elimnyama njengoba ehlukumezeke kakhulu.

Muva nje, lo somahlaya kuputshuke izindaba zokuthi yena nonina wezingane zakhe ezimbili sebebuyelene.

Ube esekuqinisekisa naye lokhu enkundleni yokuxhumana u-Instagram.

Ekhasini lakhe uveze ukuthi yena nomkakhe babe nezimo ezinhle nezimbi emshadweni wabo kodwa uthando lubanqobile.

“Ngibusisekile ngokubuya kwakho empilweni yami, ngiyawubonga nomusa kaNkulunkulu phezu komshado wethu. Ngiyohlala ngikuthanda, sengathi manje singahlukaniswa ukufa,” kubhala uTall A$$ Mo.

Abalandeli babo bahlukane phakathi ngalesi simemezelo, njengoba abanye bebabongelile, abanye bagxeka lo somahlaya.

Umethuli wezinhlelo ophinde abe umlingisi uMoshe Ndiki uthe “Lokhu okuhlanganiswe uNkulunkulu akekho ongakuhlukanisa”.

UVfrshflower uthe “Ngiyathemba wena ufundile ukungadicileli phansi isithunzi sikankosikazi wakho ezinkundleni zokuxhumana ngoba uthanda ukubukwa. Uma ninezinkinga ziphathe ngendlela wenzise okwendoda uyeke ukuba umfana ofuna ukunakwa, uyakhathaza. Mome ungumfazi sisi ngikushayela ihlombe izinto ezinjena akulula ukuhlala nazo”.

UCandiceisaacsebele's uthe “Empilweni yami ezayo ngifuna ukuba nomoya ophansi njengoMome kunoma yisiphi isimo bese ngiyekela uNkulunkulu enze okuhle empilweni yami”.