Ezokungcebeleka

Injabulo kulotsholwa umsakazi weMetro FM

Fanelesibonge Bengu|Published

UMSAKAZI weMetro FM uKhutso Theledi, obelotsholwa ngempelasonto yisithandwa sakhe sase-Italy Isithombe: INSTAGRAM

UBONGE imiyalezo yabantu ababahalaliselayo umsakazi weMetro FM uKhutso Theledi, olotsholwe wathenjiswa umshado yisithandwa sakhe seminyaka ngempelasonto.

UKhutso wethula uhlelo iBreak Away with Khutso Theledi ngo-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto.

NgeSonto, ekhasini lakhe le-Instagram ufake izithombe zokuthi ubelotsholwa yisinqandamathe sakhe asethandane naso iminyaka emihlanu.

“Ngiyabonga ngothando lwenu, imiyalezo emihle nezilokotho. Mina noWamina (okuyigama ahlale ebiza ngalo isithandwa sakhe uma esifaka ezinkundleni zokuxhumana) siwazwile amazwi enu amahle nezilokotho. Izinhliziyo zethu zigcwele ukubonga,” kubhala uKhutso.

Uthe bayazibonga izibusiso njengoba sebeqala uhambo olusha futhi uthando abalutholile lwengeze injabulo ngesikhathi esibalulekile kubo.

Uthe usengumakoti wase-Italy, okuyilapho kudabuka khona isithandwa sakhe. Izithandana zisanda kuzikhipha ziyoshawa wumoya kuleliya zwe.

Ngaphambi kokujoyina iMetro FM lapho ethule khona uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto, uKhutso ubekwi-Y FM ahlale kuyo iminyaka engu-10.