Ezokungcebeleka

Bavuselele uthando uChris noRegina

Nokubongwa Phenyane|Published

UCHRIS Walker noRegina Belle kubacacele ukuthi izingoma zabo ziyaziwa njengoba ayikho ingoma abayicule e-ICC ngoLwesihlanu bengalekelelwa yizihlwele ebezihambele umcimbi wabo Izithombe: ZITHUNYELWE

BEZIBUKANA emehlweni izithandani zaseThekwini ebezihambele umcimbi la bekunandisa khona izihlabani zaseMelika, uRegina Belle noChris Walker.

Laba ngoLwesihlanu e-ICC bashiye abathandi bomculo wabo bengawuvali umlomo, njengoba beqhulule izingoma zabo ezihlukene ezithandwa ngabaningi.

Lo mcimbi ohlelwa yinkampani iThe Platnum Lounge Present Chris Walker and Regina Belle, ububophele nezihlabani zoDJ beMetro FM, okukhona kubo uMsizi Shembe, Wilson B Nkosi, Collen Zondo weGagasi FM noMondli Ngcobo.

Kuwona kuqale kwavula oDJ bale misakazo ehlukene uhlelo luphethwe uThandeka Zulu weqembu lomculo i-Afro Soul.

Nabo benze into yamehlo njengoba bebedlala izingoma abajwayele ukuzidlala ezinhlelweni zabo ngeSonto.

Kube sekulandela uMondli naye owenze abekuthembisile njengoba ejabulise abantu ngezingoma ezintsha nezindala aduma ngazo.

Kube sekungena uRegina oqhulule amanoni ezingoma okukhona kuzo ethi A Whole New World, If I Could nezinye.

Umcimbi uvalwe nguChris Walker naye oqhulule awakhe amanoni, waxuba nawokholo ezingoma okukhona kuzo ethi How To Heal A Broken Heart, Give You All My Love nezinye.

Namhlanje laba kulindeleke ukuthi bavale uhambo lwabo eSun City.

UThabani Nyide ohlela umcimbi ubonge bonke abaphume ngobuningi bazojabula nabo, wathi imicimbi efana nalena basazoqhubeka nokuyihlela.