Ezokungcebeleka

Indlobane kuKelly Khumalo ehlulwa nguNtokozo Mbambo

Nokubongwa Phenyane|Published

UNTOKOZO Mbambo nezindondo zakhe ezintathu azithole emcimbini amaSama ngoMgqibelo ISITHOMBE: TWITTER

UVUKE indlobane waqhulula inhlamba uKelly Khumalo, ekhala ngaphansi emcimbini wamaSama njengoba engabuyanga ngisho nendondo eyodwa.

UKelly uthuke abahleli bomcimbi wathi bayenzelela njengoba ebuya elambatha emunxeni abeqokwe kuwona, iBest Female Artist ethathwe nguNtokozo Mbambo ngoMqibelo ebusuku, eSun Arena ePitoli.

Kuhlukane imibono ezinkundleni zokuxhumana, babodwa abebencoma ukuhluleka kukaKelly ngoba bemyamanisa necala likayise wengane yakhe owabulawelwa kubo uSenzo Meyiwa, abanye bethi uNtokozo ibimfanele le ndondo.

UKelly obebhodla enkundleni u-X, uthe usazoqhubeka abathuke ngoba abanalo iqiniso.

Ubesethuka noma ngubani obebhala ukuthanda kwakhe ngaye.

Uthe noNtokozo uyazi ukuthi izinombolo aziqambi amanga wathi akamesabi.

UNtokozo ubuye nezindondo ezintathu, ubonakale ekhihla isililo ekhala emuka nendondo ye-Album of the Year Awards.

Enye ayitholile eyeBest Contemporary Faith Music Album.

UNTOKOZO Mbambo nezindondo zakhe ezintathu azithole kamaSama ngoMgqibelo ISITHOMBE: TWITTER

Kwenzeka lokhu nje, baphoxile abanye babaculi abebeqokiwe kulo mcimbi abangaphumelelanga ukuwuthamela njengoba iningi labo belingabonwa nangalukhalo ukuzokwamukela izindondo abaziwinile.

Abaculi abahlomule kakhulu ngezindondo okukhona kubo uK.O, Makhadzi, Kabza De Small, 2Point1ft Ntate Stunna &Nthabi Sings, bebengekho.

UKabza ubengomunye wabaculi abavule lo mcimbi ngengoma, kodwa kuthe uma esehlabana ngendondo yeBest AmaPiano Album, wangeza esiteji, kwavela izindaba zokuthi uphuthume komunye umcimbi abeqashwe kuwona.

Lo mculi wePiano uhlabane ngezindondo ezine okukhona kuzo iBest Duo/Group of The Year neBest Produced Album.

Iningi lezindodo bezimukelwa abakade bezethula njengoba bebengekho ngisho akade bebathumele ukuthi bezobalandela.

Kulo mcimbi imindeni ekade izolanda izindondo zabakade behlonishwa emkhakheni weLifetime Achievement, yiyona eyenze wahlonipheka lo mcimbi.

Kanjalo nomndeni ka-AKA ongasekho okhale wemuka nezindondo ezintathu, uzifikele mathupha ukuzozilanda.

Iqembu i-2Point1ft Ntate Stunna &Nthabi Sings - ngengoma yalo ethi Stimela - livale lo mcimbi njengoba lithathe izindondo ezimbili ezibalulekile kulo mcimbi ebezivotelwa okuyi-Record of the Year, Nemesis Video of the Year.

UMakhadzi yize engomunye ongabonakala ezothatha indondo ngesikhathi ehlabana kodwa nguye ovale lo mcimbi ngengoma.

Abanye abawine kulo mcimbi;

Best Afro-Pop Album

Isibuko – Sjava

Best Jazz Album

The Spirit of Ntu – Nduduzo Makhathini

Best Maskandi Album

Umqhele neThawula - Khuzani

Best Traditional Faith Album

The Overflow Gcwala Kimi – Dumi Mkokstad

International Achievement

Wouter Kellerman, Zakes Bantwini and Nomcebo Zikode