UBrenda Mtambo uzonandisa kwiDurban Jazz Festival eHazelmere Dam, ngoDisemba 26 Isithombe: INSTAGRAM
Kungenzeka badanse okokugcina edamini iHazelmere, eThekwini, abathandi beDurban Jazz Festival ngoDisemba 26 njengoba kuvela ukuthi izothuthela endaweni engakaziwa.
Le ndumezulu yomcimbi isineminyaka engu-21 ikhona.
Ngemuva kweyangonyaka odlule umhleli wayo, uMdu Ngcobo, watshela Isolezwe ukuthi kungenzeka bathuthe ngenxa yokuthi kuzogcwaliswa amanzi edamini. Wathi lokhu kuzoholela ekutheni indawo abasingatha kuyo umcimbi ibe ncane.
Ezikhangisweni zomcimbi wanonyaka kubhalwe ukuthi kuzoba ngeyokugcina edamini.
UNgcobo uthe abahambi ngoba bethanda kodwa baphoqwa wukuthi kuzogcwaliswa amanzi.
Uthe njengoba umcimbi uzodonsa izinsuku ezimbili okokuqala ngqa, edamini ngoDisemba 26 naseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) ngoDisemba 27, akukhona ukuthi sebezoba se-ICC kusuka ngonyaka ozayo.
“Asizwa amanzi ngobhoko ukuthi abantu bazoyamukela kanjani i-ICC kodwa bekuvele kusezinhlelweni zethu ukuthi senze umcimbi oyizinsuku ezimbili. Indawo entsha esizokwenzela kuyo asikayitholi kodwa sizoyimemezela khona edamini. Uma beshintsha umqondo bethi abasawagcwalisi amanzi, kungenzeka sibuyele khona nangonyaka ozayo,” kuchaza uNgcobo.
Ngo-2014 lo mcimbi waba sePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, nokuyinto engehlanga kahle kwabanye abathandi bawo, wabuyela eHazelmere.
UNgcobo uthe yize abanye abaculi bengakaqinisekiswa kodwa sebeqede konke ngoBrenda Mtambo, Sipho “Hotstix” Mabuse, Jimmy Dludlu noSjava.
“Ngosuku lwesibili e-ICC wonke umuntu uzobe efake izimpahla ezimnyama nombala osagolide, okuyindikimba yethu. UZoe Mogida uzobe ekhona, Linda Sikhakhane nabanye. Kuzoba yijazz yangempela yabathandi bayo abahlala phansi balalele bebe beshaya iziphuzo nokudla. Sizoyinonga ngomculi wesifazane othandwayo. Sifuna abavakashi bangafikeli umcimbi owodwa kuphela kodwa bahlale nangakusasa eThekwini baze bagcine sebethamela neminye imicimbi njengeFact Durban Rocks ngoDisemba 31.”
Uthe amathikithi aseyatholakala ngemali eqala kuR350 eWebtickets nasePick n Pay.