Ezokungcebeleka

Kubhimbe uhlelo uMinnie Dlamini echwensa uKhune

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMINNIE Dlamini no-Itumeleng Khune ngezikhathi zabo. isithombe: Bongiwe Mchunu

‘UBETHI ubukisa ngesoka lakhe lakudala kodwa kwangahamba ngokohlelo,’ lawa ngamazwi abantu abaningi ababukele uhlelo lwentokazi yakuleli uMinnie ezama ukwenza ihlaya ngo-Itumeleng Khune.

Ohlelweni lwakhe i-Curated, uMinnie osanda kudivosa umyeni wakhe uQuiton Jones, ubencoma ukuthi adayise okwamagwinya ashisayo amathikithi omdlalo wezinkunzi zaseSoweto #SowetoDerby, kulapha okuvele khona ukuthi uKhune usengumdlali webhola,

Le ntokazi ibonakale ibuza inokumangala ebusweni futhi iphikisa abebeyitshela ukuthi uKhune usadlala, yabonakala inyipha ebusweni njengomuntu onokuphoxeka ngesoka lakhe lakudala ukuthi namanje lisajaha ibhola enkundleni.

Le video yakhe isazungeza ezinkundleni zokuxhumana kanti abantu abaningi basola le ntokazi ngokuvukwa yisikhwele, beyisola ngokusukela uKhune osekwaziwa ukuthi unonkosikazi nezingane.

@Khaya55411582: UMinnie Dlamini uzwa ubuhlungu ngomshado kaKhune ohamba kahle. UMinnie akekho ezingeni lokuba ngumhlaziyi noma umethuli wanoma yiluphi uhlelo lwezemidlalo, kodwa uKhune unethalente.

Intatheli ezimele @PhilMphela iphendula obekhalaza ngokuqashwa kosaziwayo abangazilutho ezinhlelweni zemidlalo ekhalaza nge-video kaMinne ithe: “Ngicabanga ukuthi ukhuluma nge-video kaMinnie Dlamini. Okukuqala; uhlelo lwakhe i-Curated uhlelo lwezokungcebeleka, hhayi lwezemidlalo. Okwesibili; ngicabanga ukuthi ubezama ukuhlekisa kodwa uyacaca ukuthi akuhambanga kahle.”

@SthembiD: Izinkundla zokuxhumana ziyaphoxana 🤣😅 Ngicabanga ukuthi uMinnie ubone abantu behlekisa ngoKhune naye wajoyina kanti weeh zizokhala kuye.

@bongzmessi: Yebo, uKhune akasekho bukhali njengaseminyakeni eyi-10 eyedlule futhi siyavuma ukuthi iChiefs kumele ithole umuntu endaweni yakhe ngokushesha, kodwa uMinnie Dlamini akaphole kancane. Lokhu akwenzile bekungahlekisi futhi bekungenasidingo. Kuzwakale kunonya phakathi.