OWASELIMPOPO, uMusa Keys ungomunye wabakuleli abaqokiwe emcimbini wamaGrammy Awards Isithombe: INSTAGRAM
INGOMA kaTyla osanda kuzakhela igama emculweni ethi Water, ingenye eqokwe emcimbini wangonyaka ozayo wamaGrammy Awards, azoba ngoFebhuwari 4 eCrypto.com Arena, eLos Angeles.
Amaciko akuleli amathathu azomela elakuleli emcimbini kanti kuqokwe noMusa Keys ongusomahlaya oke wathula lo mcimbi ekuqaleni kwalo nyaka uTrevor Noah.
Inkampani ehlela umcimbi iThe Recording Academy, imemezele umunxa omusha iBest African Music Performance, lapho abaculi abaqokiwe bekleliswe khona.
UTrevor uqokwe emkhakheni weBest Comedy album, nge-albhamu yakhe yamahlaya ayiqopha bukhoma ethi I Wish You Could.
UTyla uthe ulapha akhonn manje ngenxa yabantu basemazweni ahlukene emhlabeni abadlala ingoma futhi yilapho kudayiswa khona umculo wakhe.
Uthe kuningi okuzayo athemba ukuthi kuzojabulisa abalandeli bakhe emhlabeni.
UTrevor uthe izinto ezenzeka empilweni yakhe ngesinye isikhathi zimshiya emangele. Wathi uyawuthanda umkhakha wamahlaya awenza bukhoma ngoba yilapho ebona khona injabulo yabantu behleka. Wathi lokho kumenza athobeke enhliziyweni.
Related Topics: