Ezokungcebeleka

Bagile izimanga kwiGcwalisa abaculi abasha kumaskandi

Nokubongwa Phenyane|Published

UBONGE wonke umuntu obe yingxenye yomcimbi iGcwalisa Spring Picnic uKhuzani, wathi ubungeke ube yimpumelelo ukube ubeyedwa IZITHOMBE: SBONELO Ngcobo

ABACULI abasebasha kumaskandi, bagile izimanga beshiya abantu befuna impinda emcimbini iGcwalisa Spring All White Picnic, ngoMgqibelo.

Gatsheni

Lo bekuwumcimbi wesibili walolu hlobo kanti ububanjelwe enkundleni yemidlalo iKings Park, eThekwini.

Limit

Izingoma zabaculi abenza kahle ezinkundleni zokuxhumana okukhona kuzo uTik Tok, bashiye izinkumbi zabalandeli akade behambele lo mcimbi befuna impinda.

Kamo Mphela

Kulaba baculi kubalwa uSminofu, Gatsheni, Luve, Menzi, Navigator nabanye bashiye inkundla ishisa bhe, njengoba izingoma zabo ezifike zashisa izikhotha kulo mkhakha, zijatshulelwe izihlwele.

Cassper Nyovest

UKhuzani naye ongumhleli walo mcimbi, ukuqhulula izingoma zakhe ezezwakala kuma-albhamu adlule kwenze washukumisa inkundla ebigcwele phama.

Lwa Ndlunkulu

Ekhuluma kulo mcimbi, uKhuzani ubonge abebewuhambele wathi uyimpumelelo ngenxa yabo, waveza ukuthi lo mcimbi usungaphezu kwakhe futhi ngeke aze awenze eyedwa.

INGXENYE yabantu akade behambele lo mcimbi abajabulele umculo wezihlabani zakuleli kwaze kwaba izintatha zayizolo

Uveze ukuthi nabaxhasi bawo okukhona kubo Isolezwe, badlale indima enkulu ukuthi ube kuleli zinga elikuwona.

Sminofu

Utshele abalandeli bakhe ukuthi ngoDisemba 1, uzokhipha i-albhamu entsha.

Okugqamile ngalo mcimbi ukuthi udonsa amehlo abantu abahlukene okukhona kubo intsha, osopolitiki, osomabhizinisi nabanye.

Kuwona akekho umculi obengena abukelwe phansi njengoba bekukhona abaculi abacula izinhlobo ezahlukene zomculo, ebezijatshulelwa ibona bonke akade bekhona.

Kwabanye abaculi abashaye into ecokeme kubalwa uSjava, Big Zulu, Lwa Ndlunkulu, Black Diamond, Daliwonga, nabanye.

Abanye abaculi abebeyingxenye kubalwa uShwi, othe uyakujabulela ukubona umcimbi ofana nalona bona abangakaze bawenze befika kumaskandi.

UMthokozisi Zuma okhulumela lo mcimbi, uthe bekukhona abaculi abacula izinhlobo ezine zomculo kuleli.

Uthe selokhu angena kulo mkhakha uyaqala ukubona into efana nalena.