Ezokungcebeleka

Kuzocijwa abantu basha kwezeshashalazi koweMbewu Festival

Nokubongwa Phenyane|Published

ULUNGISA Zondi elingisa esiteji umdlalo obhalwe waphinde waqondiswa nguye othi Stories we Missed owawungeminye yemidlalo eyayibukiswa embukisweni Imbewu Arts Festival eshaya ibuya eThekwini ngenyanga ezayo ISITHOMBE: SITHUNYELWE

BAZOTHOLA ithuba lokukhangisa ngemidlalo yasesiteji abazikhiqizele bona futhi bayiqopha ngokwabo abantu abasha baKwaZulu-Natal. Lokhu kuzokwenzeka embukisweni wemidlalo yaseshashalazini obizwa, ngeMbewu Arts Festival.

Lo mbukiso wasungulwa ngo-2014, ngamaciko adumile phakathi kwawo kubalwa uThobani Nzuza, uMnqobi Msimango, uThembinkosi Thwala, noNhlakanipho Gamede, uzoba ngenyanga ezayo eThe Stable Theatre, eThekwini.

Kuhlelwe ukuthi umbukiso usingathwe kusukela ngoNovemba 16-19.

UFezeka Shandu, wethimba elihlela umbukiso udalule ukuthi inhloso enkulu wukuhlela izigcawu ezehlukene zokucija abantu abasha. Kuzokwethulwa izinkulumo ezizocushisa futhi zihlomise amaciko ngolwazi emikhakheni ehlukene.

“Abantu abasha bakuleli kwesinye isikhathi baqeda ukuqeqeshwa ezikhungweni zemfundo, bakhiqize imidlalo bese beswela ukuthi bazoyiqopha kanjani ngenxa yokuthi izikhungo zibiza imali eshisiwe. Uma umdlalo usunawo, kuba lula ukuthi uwuhambise ebantwini abehlukene ukuze bawubone bese kuvuleka iminyango esuke ivalekile.

“Sinxusa ukuthi abantu abasha abafuna ukuqopha noma asebeyiqophile imidlalo ukuthi beze kulo mbukiso, bazokwenza lokhu abafisa ukukwenza ukuze bakhulise ngayo imidlalo. Sizobe sinezivakashi eziqhamuka emidlalweni emikhulu kuleli ezizobafundisa ngezinto ezehlukene ukuze bakhule,” kuchaza uFezeka.

Uveze ukuthi inhloso yombukiso ingaphezu nje kokuba yilokhu abantu abakucabangayo ngoba izokhulisa amaciko ngendlela engachazeki.

“Siyakholelwa ekutheni mkhulu umsebenzi esiwenzayo ngawo. Ngakho siyanxusa ukuthi bonke abangakwazi ukuphumelela bafike ngobuningi babo, ukuze bakhule futhi bazihlelele nekusasa eliqhakazile ngamakhono abanawo,” kunxusa uFezeka.