USIHLALO weCcfisa KwaZulu-Natal uThokozani “T’zozo” Ndlovu Isithombe: SITHUNYELWE
AMACIKO aKwaZulu-Natal athe aphatheke kabi ngesinqumo sikahulumeni wesifundazwe sokuhoxisa uxhaso lokusingathwa kwamaSouth African Music Award (Sama) eThekwini ngenyanga ezayo.
NgoLwesithathu uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, ukuVakasha noKongiwa kweMvelo, uMnuz Siboniso Duma, umemezele esithangamini nabezindaba ukuthi ngeke basawuxhasa umcimbi.
Isimemezelo sakhe silandela ukukhala kwamaqembu ezepolitiki ngokuthi inkulu imali ezokhishwa.
Kube nemibiko ethi uMnyango uzoxhasa ngo-R28 million. Lokhu uDuma wakuchitha wathi ilinganiselwa ku-R20 million imali ephakanyiselwe lokhu.
USihlalo womfelandawonye wezinyunyana zamaciko iCultural and Creative Industries Federation of South Africa KwaZulu-Natal, uThokozani “T’zozo” Zulu, uthe maningi amaciko abezozuza ngalo mcimbi.
“Besifuna ukwenza imicimbi ezokwenza abantu besifundazwe bakuzwe ukuthi kuza amaSama. Sathi uma sikhuluma nabanikazi bomcimbi bathi bazosinika uR750 000. Uma ubheka ububanzi besifundazwe nezifunda ezingu-11, leyo mali ibingeke yenele. Sithe sifuna uR300 000 isifunda ngasinye, obekuzokwenza uR3.3m,” kusho uT’zozo.
Uveze ukuthi ngale mali bekuzoqashwa amaciko asezindaweni abebezozihambela.
Uthe bebengafuni ukuthi umcimbi ungabi khona kodwa bebengeke bakuvume ukuthi uqhubeke ngaphandle kokuthi babe yingxenye yawo.
“Besingafuni ukuthi umcimbi ungaxhaswa. Ebesikucela ukuthi nathi kube khona esikuzuzayo. Akusiphathi kahle ukuthi awusekho. Akufanele ukuthi uma ethi amaciko afuna ukusebenza bese kuyavalwa.”