USAMTHING Soweto noZoë Modiga bathembisa into yamehlo njengoba behlele idili lomculo ngoMgqibelo eThekwini Izithombe: ZITHUNYELWE
BATHEMBISA into yamehlo abaculi uSamthing Soweto noZoë Modiga, okuzothi ngoMgqibelo bajabulise abalandeli babo ngedili lomcimbi iThe Future Is Now concert.
Lo mcimbi ozoba seThe Playhouse, uhlelwa inkampani iBanda Banda Agency.
Bekhuluma ngokuza eThekwini, laba baculi bathe bayakholelwa ekutheni bazoshiya umlando wesikhathi esizayo ngalo mcimbi.
“Ngemuva kokwenza kahle kohambo lwami olwaziwa ngeCos Cos Tour, eThekwini inkampani iBanda Banda ingithintile ifuna senze lo mcimbi noSamthing Soweto. Ukubuyela edolobheni engazalelwa kulona nozakwethu, nozoba ngosuku lokuzalwa kukaMam’ Busi Mhlongo kuyangithobisa kakhulu. Lo mcimbi uzoba ngosuku, ngazi kahle ukuthi umoya wakhe awamukela mhla ezalwa uzoba nathi ngalolu suku, futhi sizokwenza into yamehlo, ngenxa yokuthi naye uzobe ekhona esisingethe,” kuchaza yena.
USamthing Soweto yena uthe uselubheke ngabomvu usuku lwalo mcimbi.
"Ngibonga idolobha laseThekwini ngokusamukela futhi. Engingakusho ukuthi siza nento yamehlo, ngonyaka odlule ngaba nomcimbi kulona leli dolobha nowashiya abantu befuna impinda, nakulokhu ngingasho ukuthi ngiza nomcimbi ofanayo, ngakho nginxusa abantu abazofika ukuthi bangisize njengoba senza ngonyaka odlule baphinde babuye nakulo nyaka“ kuchaza yena.
Laba bagcina ngokuveza ukuthi ngonyaka ozayo basemalungiselelweni okukhipha i-albhamu, abasematasa nayo.
Bathe okwamanje basazobonakala behlanganyela nabalandeli babo emicimbini ehlukene lapho bezobe bededela khona izingoma ezihlukene zothando bese bededela i-albhamu.
Related Topics: