Ezokungcebeleka

UNomcebo Zikode noRobot Boii bahlomule kumaTrace Awards

Fanelesibonge Bengu|Published

Uyaqhubeka nokugqamisa iNingizimu Afrika emazweni omhlaba umculi waseThekwini, uNomcebo Zikode, njengoba ehlomule ngendondo kumaTrace Awards, abeseRwanda ngempelasonto.

UNomcebo, odabuka eHammarsdale, uhlonishwe ngendondo yeBest Global African Artist noRema waseNigeria.

Lo mculi ozakhele udumo ngengoma ethi Jerusalema ayishaye noMaster KG, kulo nyaka uthole indondo yeGrammy emunxeni we-Best Global Music Performance ngengoma yabo noZakes Bantwini noWouter Kellerman.

Omunye wakuleli ohlomule ngendondo nguRobot Boii onamakhono amaningi. Uthole indondo yeBest Dancer in Africa. Ephawula ngokunqoba kwakhe uqale wabonga uNkulunkulu.

“Ngithanda ukubonga abazali bami,nethimba lami,” kusho uRobot Boii othe indondo yakhe ngeyabantu baseNingizimu Afrika.

Uthe imidanso eminingi abantu abayibonayo kwi-internet isuselwa emculweni Amapiano.

Umrepha uK.O, obeqokwe kathathu eminxeni yeSong of the Year, Best Male noweBest Collaboration ngengoma yakhe ebishisa izikhotha iSete, ubuye elambatha.