AKUSIWONA wonke umuntu onekhono lokuhlekisa abantu, lokhu kuzocaca kahle kubantu abazophakamisa osomahlaya abavelele njengabafanelwe womklomelo weSavanna Comics’ Choice Comedy Awards.
Ngale kokuba wusomahlaya oma phambi kwabantu aziqekethe abantu bafe yinsini, kukhona nabanye abanekhono lokubhala imibhalo ehlekisayo kanjalo nezinkampani ezikhiqiza izikhangiso ezihlekisayo, yibona bantu abafanelwe wukubekwa esicongweni ngokusebenzisa ithalente labo ngendlela ehlukile futhi yibona bantu ngokusho kwabahleli balo mcimbi abafanelwe wukuchonywa uphaphe.
Kulo nyaka kuhlangana iminyaka engu-11 kwasungulwa lo mcimbi oqhakambisa ithalente elihle losomahlaya.
Lezi zindondo zinomlando omuhle njengoba eminyakeni edlule osomahlaya abafana noTrevor Noah, Loyiso Gola, Tumi Morake, Skhumba Hlophe, Celeste Ntuli, Schalk Bezuidenhout nabanye abaningi bake bahlabana ngale ndondo ngomsebenzi wabo omuhle wokuthokozisa abantu bakuleli.
Ngonyaka odlule uRobby Collins nguyena othole indondo esuke ibhekwe ngabaningi yeComedian of the Year Award kanti uWazi M Kunene yena wathatha indondo kamafikizolo yeSavanna Newcomer Award.
UKayla Hendricks oyiSavanna Brand Manager uthi bayakuthakasela ukuba ngabaxhasi balo mcimbi ngoba kubanika ithuba lokuthuthukisa umsebenzi wosomahlaya bagcine sebefika ezingeni lokuthokozisa abantu emhlabeni wonke.
“Kuyintokozo kithi ukusebenzisana nabahleli balo mcimbi ukuhlonipha osomahlaya bakuleli abagcina sebedume umhlaba wonke kanjalo nokuqhakambisa ithalente lalabo abafikayo kule mboni,” kusho yena.
Uqhubeke wathi ukuzimisela kwabo ngokukhulisa lezi zindondo, kubonakala kahle njengoba ozohlomula iSavanna Newcomer Showcase, okuyiyona eqhakambisa osomahlaya abasha kule ndima kushintshiwe.
“Kulokhu usomahlaya ozothola le ndondo ngeke athole indondo kuphela kodwa sizomuthi fahla ngemali enguR5 000.”
Nazi izindondo eziyi-12 ezihlonipha ukwenza kahle nobuhlakani obuphelele bamahlaya:
IZIGABA ZOSOMAHLAYA
Savanna Newcomer Award
Breakthrough Act of the Year Award
Headliner of the Year Award
Comedian of the Year Award
Best Solo Show Award
Best Comedy Festival/Show Award
The Joe Mafela Award
The Hall of Fame Award
Best Comedic Writer Award
IZIGABA ZABABHALI
UpLIFTing Comedic Content Award, Presented by LIFT
Sauce of the Year Award
Funny Is Funny Award
Related Topics: