UTHABO kubukeka sengathi nguye ongase akhale emuke nesicoco salo nyaka ohlelweni ama-Idols SA njengoba amajaji ehlala encoma indlela acula ngayo izingoma azinikiwe kanjalo nabantu bakhombisa ukumthakasela ohlelweni Isithombe: FACEBOOK
UBAFANISE nomndeni wakhe abalandeli akade bemvotela ohlelweni ama-Idols SA, uNkosi King Teresa waseThekwini, ngoMgqibelo, okuphele uhambo lwakhe kulolu hlelo.
Amathemba aKwaZulu-Natal, abeselele kuNkosi ukuthi nguye ongathatha isicoco salo nyaka nokuyisizini yokugcina kodwa ukungatholi amavoti anele, kuwashabalalisile lawo mathemba.
Enkundleni yakhe yokuxhumana uFacebook, uNkosi uveze ukuthi yize kube uhambo olunenjabulo nokuningi akufundile kodwa ubonga abantu abambeke la akhona njengamanje.
“Ukukhuthala bengikuthola emiyalezweni ebeningithumelela yona, ningibonisa ukuthi ngenze kanjani yikhona okungithwalile isonto ngalinye kulolu hlelo kwangibeka lapho ngikhona manje. Ngabe iqiniso anginalo uma ngingabongi ngakho konke enikwenzile. Mina nani sesifana nomndeni, nize nangipha igama lokuthi ngiyisoka lesizwe nokwenze inhliziyo yami yathobeka,” kusho uNkosi.
Uthe uyawabonga namavoti abenikwa wona ngabalandeli bakhe isonto nesonto.
“Ukuthi seluphelile uhambo lwami kulolu hlelo, akusho ukuthi sekuphelile ngami emculweni. Engingakusho nje kuyisiqalo sohambo lwami endimeni yomculo futhi abalandeli bami ngihamba nabo,” kuchaza yena.
Kulolu hlelo abasele uFaith, Princess noThabo okubonakala eyintandokazi.
UThabo uveze ukuthi njengoba ebheke esigabeni sokugcina sohlelo, uzizwa ethobekile futhi namanje akakakholwa ukuthi ufike kulesi sigaba.
Uthe ukunconywa umrepha uCassper Nyovest, nakho kumenze wathobeka njengoba kuqhamuka kumuntu ohlonishwayo emculweni kuleli.
UFaith uthe uyakholelwa ekutheni wenze konke okusemandleni akhe ukuzigcina eyingxenye yalolu hlelo.
UPrincess uveze ukuthi konke usekubeke ezandleni zikaNkulunkulu njengoba engakholwa ukuthi ukulesi sigaba somncintiswano, futhi uyakholelwa ekutheni wenze konke okusemandleni akhe ukuzigcina ohlelweni.
Laba bobathathu kuzothi ngoMgqibelo ozayo bacule izingoma zabo abaziqophile, nokuyobe sekuphela ngohambo loyedwa.
Related Topics: