Ezokungcebeleka

Ingenise kwezwakala iBelgravia Gin ekulethela umkhiqizo omusha iPlutnum Label

Nonkululeko Nhlapo|Published

INGENISE kwezwakala iBalgravia Gin ekulethela umkhiqizo omusha iPlutnum Label Isithombe: Sithunyelwe

I-BELGRAVIA Gin, igama elihambisana nobuhle bekhethelo obuthandwa ngabaningi emhlabeni jikelele isikhiphe umkhiqizo omusha wakamuva wePlatinum Label.

Lo gologo omhlophe ubonisa ubuhle bokusebenza ngobuchule udidiyelwa ngezimpande zekhethelo ezinamakha amnandi eziyishumi, ukukhiqiza lesi siphuzo esinambitheka kamnandi.

I-Belgravia London Gin Platinum Label akuwona ugologo kuphela kodwa ngumhlanganisi wabantu lapho bethokozela okuhle okukhulu nokuncane empilweni, umbumbi oqhakambisa ubuhle bokuhlukahlukana kwabantu bakuleli futhi ngomngani ohlanganisa abantu abathokozela izikhathi zekhethelo empilweni yabo.

Abathandi beGin bazokuthokozela ukuhlanganiswa kwezimpande eziyishumi ezinambitheka kamnandi ezisetshenziselwe ukuhlanganisa lo mkhiqizo.

Kulezi zimpande, uthola ezifana ne-coriander ne-angelica nezithako ezimnandi nezijwayelekile ze-cassia bark, bay leaves na-cardamom pods. Kukhona futhi namakha ewolintshi nolamula okuhambisana kamnandi namajikijolo.

Uma unambitha okusashukela, yazi ukuthi lokho kwenziwa yimpande ye-liquorice ne-orris okuhambisana nephunga lezimbali elimnandi.