UMBALI Buthelezi owaziwa ngelikaChubbyCheeks ingoma yakhe ethi Kuyabongwa eyenze kahle ezinkundleni zokuxhumana Isithombe: SITHUNYELWE
UBONGA bonke abakholelwe kuye yize esengumfundi ka-matric uMbali Buthelezi (18), odume ngelikaChubbyCheeks emculweni, okhiphe ingoma eyenze kahle ethi Kuyabongwa.
Le ngoma ingenye yezizwakala kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ezifana noTik-Tok, uma abakuleli benza ama-video ahlukene.
Ekhuluma neSolezwe, uChubbyCheeks waseVaal, eGoli, uveze ukuthi kuyamjabulisa ukuthi le ngoma ezinyangeni eziyisithupha iphumile, ikwazile ukwenza kahle ngendlela naye akade engayilindele.
“Le ngoma ingikhombisile ukuthi uma ngingaqhubeka ngenze kahle, ikusasa lami emculweni liqhakazile kakhulu. Abantu abaningi ibathintile le ngoma ngezindlela ezihlukene, njengoba nami bengithi uma ngibheka izinkundla zokuxhumana, ikakhulu kuTik-Tok, ngibone ukuthi umsebenzi wami abantu bayawujabulela futhi kumele olandelayo udlule lokhu engikwenzile,” kusho yena.
Uthe le ngoma wazibhalela futhi wayiqopha ngenxa yokuthi unekhono kuzona zombili lezi zinhlaka zomculo nokuyinto engajwayelekile kulo mkhakha.
“Ngithanda ukungalishiyi ithimba engisebenze nalo ngesikhathi sisahlanganisa le ngoma, nabangisize ngokuningi njengoba ngisemncane. Impumelelo engaka ibingeke ibe khona, ukube bengingavumi ukuboniseka kodwa ukulalela nakho kudlale enkulu indima, futhi ngizimisele ukuthi ngibalalele bonke engisebenza nabo uma bengibonisa,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi kuningi abantu abangakulindela kuye endimeni yomculo eminyakeni ezayo njengoba manje esazogxila nasesikoleni.
Related Topics: