Ezokungcebeleka

Uchazwe njengeqhawe uZoleka Mandela

Nokubongwa Phenyane|Published

UFANISWE neqhawe umzukulu wowayengumengameli wokuqala wakuleli ngaphansi kwenkululeko, uZoleka Mandela (43), kuvela izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni. Isithombe: Tiro Ramatlhatse

UFANISWE neqhawe umzukulu wowayengumengameli wokuqala wakuleli ngaphansi kwenkululeko, uZoleka Mandela (43), kuvela izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni.

Umndeni wakwaMandela ukhiphe isitatimende la ubuveza khona ukuthi uZoleka udlule emhlabeni ngoMsombuluko ebusuku, ngemuva kokungeniswa esibhedlela esegula kakhulu.

“Ungeniswe esibhedlela eyoqhubeka nokwelashelwa umdlavuza. Lesi sifo ebese simhlasele esibindini, emaphashini, esihlakaleni, ebuchosheni nakwamanye amalungu omzimba. Ukuhlolwa akade esanda kukwenza kuveze ukuthi unezimila emaphashini. Udlule emhlabeni enamalungu omndeni wakhe nabangani bakhe,” kuchaza isitatimende ngomlomo welungu lomndeni uZwelabo Mandela.

UZoleka ozalwa yindodakazi kaMadiba engasekho uZinzi Mandela, uthinte abaningi eminyakeni edlule kuze kube uyadlula emhlabeni ngezinkulumo zakhe ezakhayo zokulwa nesifo somdlavuza.

Akagcinanga ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana nokukhuluma emisakazweni, kodwa ubengumbhali wezincwadi okubalwa nethi When Hope Whispers, ebithengwa ubuthaphuthaphu, ekhuthaza abaningi ukuthi bangabhekana kanjani nesifo zomdlavuza. Wanconywa ngokuthi incwadi yenza omkhulu umsebenzi ukubuyisa ithemba kwabaphethwe yisona.

Le ntokazi yaqala yamemezela ukuthi inomdlavuza webele, osesigabeni sesibili okwathi ekuhambeni kwesikhathi, yaveza izindaba zokuthi isilwile nawo njengoba ungasatholakali egazini.

Ngonyaka odlule, uZoleka umemezele izindaba zokuthi usesigabeni sesine somdlavuza osuka kwesinye isitho uye kwesinye, ogcine usubhebhetheke umzimba wonke owaziwa ngeMetastatic Cancer.

Lesi sishoshovu sichazwe njengomama obezithada izingane zakhe, ngoba noma ngabe ubesuke ekhuluma kuphi kodwa ubengazikhohlwa izingane zakhe eziyisithupha, okubalwa nezimbili ezadlula emhlabeni, uZenani owashona engozini yemoto ngo-2010 noZenawe yena owashona esandakuzalwa.

Ngo-2016, waphumela obala ngempilo yakhe ecwile ezidakamizweni. Waveza nesithombe sakhe esasithathwe ngo-2009, lapho athi wayesagxile esidakamizweni i-Cocaine. Wagonyuluka mayelana nokwamholela ekutheni acwile ezidakamizweni, okubalwa ukudangala, nemicabango yokufisa ukuzibulala nokuthi walwa kanjani ukuze aphume kuzo.

Ukushona kukaZoleka kuthinte abantu abaningi kuleli abamfanise nomuntu olwe ukulwa okuhle futhi ongazange aphelelwe yithemba kwaze kwaba sekugcineni.

Osaziwayo, abomculo wokholo, ababepolitiki, bangabanye abadlulise amazwi enduduzo emndenini wakaMandela.

UNtokozo Mbambo uthe: “Phumula ezandleni zophezukonke, usukhululekile manje. Ngithandazela izingane zakhe akade ezithanda. Nkulunkulu siyacela ukuthi wenze konke ongakwenzela umdeni wakhe egameni likaJesu.”

USomizi uthe: “Injabulo ekhona manje ngale kolunye uhlangothi la bezohlangana khona nomama wakhe, ugogo, umkhulu nendodakazi yakhe. Kubuhlungu kithi esisele la emhlabeni.”

UBasetsana Kumalo uthe: “Ulwe ukulwa okuhle Zo, ulihambile ibanga lakho futhi uliqede unamandla. Phumula manje ezandleni zikaNkulunkulu.”

U@Gaaratwe Taunyane uthe: “UZoleka Mandela ulwile ngempela, ubenomuzwa wokungesabi kuzona zonke izigaba adlule kuzo zokulwa nomdlavuza. Uthando akade enalo ngezingane zakhe aluchazeki, ngithandazela ukuthi uNkulunkulu azigcine njengoba engasekho.”

UZoleka ushiye emhlabeni izingane zakhe ezine.

Ushona nje, izolo bekuvulwa umgwaqo omkhulu eGoli obuwaziwa ngoWilliam Nicole Drive osuzokwaziwa ngesishoshovu somzabalazo onguninakhulu wakhe, iWinnie Mandela Drive.

Lo mgwaqo uvulwe izolo ngosuku okwazalwa ngalo uWinnie njengoba ebezobe ehlanganisa iminyaka engu-86, ukuba ubesadla anhlamvana. U-Zoleka wayenobudlelwano okungachazeki noWinnie esaphila

UZOLEKA Mandela, izolo umndeni wakhe omemezele izindaba zokuthi udlulile emhlabeni ngemuva kokugula kanzima ephethwe umdlavuza osabalala emzimbeni wonke Isithombe: TWITTER