UMLINGISI uJo-Anne Reyneke useveze ukuthi kuyamjabulisa ukwenza kahle komdlalo wamahlaya ayingxenye yawo okuzothi kule mpelasonto kubonakale isiqephu sawo sokugcina sesizini yesithathu IsithombeE: TWITTER
INTOKAZI esibonakale amasizini amathathu ilingisa indawo ephambili kaThuli, emdlalweni iBlack Tax, uJo-Anne Reyneke ithi ukuba kulo mdlalo nabalingisi ababodwa kwenze yasondelana nabo kakhulu.
UJo-Anne ubekhuluma neSolezwe njengoba ngoMgqibelo ngo-7.30, kwiBET(129), kuzobe kukhonjiswa isiqephu sokugcina salo mdlalo wamahlaya.
Lo mdlalo ukuleyo eyenza kahle kulesi siteshi, kusona okuke kwazanywa owuchungechunge Isono, osheshe wanqanyulwa ngenxa yokungabi nababukeli abanele.
UJo-Anne uthe kusho lukhulu kuye ukulokhu eqhubekile enikwa le ndawo, okuchaza ukuthi muhle umsebenzi awenzayo.
“Into engiyithanda kakhulu ngalo mdlalo ukuthi selokhu waqala, ngisebenza nabantu ababodwa esengibathatha njengomndeni wami. Ngendlela esesisondelene ngayo futhi esesinobudlelwane obuhle ngayo, angazi ukuthi yini eyosihlukanisa uma nje sisanikwa ithuba lokuba kulo mdlalo. Okunye engikuthanda kakhulu ukwenza umdlalo ogcwele amahlaya, okulula ukuthi uqhamuke nento engenza ukuthi umdlalo ube mnandi kakhulu,” kusho uJo-Anne.
Uthe okunye okumenza ajabule ngalo mdlalo ibanga olihambile, njengoba kulezi zinsuku kungababukeli abawumgogodla wemidlalo ehlukene.
"Ngicabanga ukuthi ukuzwana nje kwethu sisodwa yikhona okwenza ukuthi noma sesiqopha, kubonakale sisondelene kakhulu, bese lokho kuba yikhona okuheha ababukeli. Sibonga ngalo lonke uxhaso esilutholile siyathemba ukuthi sizoyibona futhi enye isizini ezojabulisa ababukeli,“ kuchaza yena.
Kwethulwa lo mdlalo ezinyangeni ezimbili ezedlule uMonde Twala oyisikhulu kwaParamount, wancoma kakhulu abalingisi balo mdlalo kanjalo nethimba elisebenza kuwo, wathi, lenza umsebenzi omuhle kakhulu.