Ezokungcebeleka

UGcina Mhlophe uhlonishwe ngendondo ngobuciko obukhethekile

Fanelesibonge Bengu|Published

UGCINA Mhlophe uhlonishwe ngendondo kumaDStv Content Creators Awards eGoli, ngoMgqibelo

USAZIWAYO ohlonishwayo kwezokuxoxa izinganekwane, uGcina Mhlophe, uthi ukuklonyeliswa kwakhe ngendondo kumaDStv Content Creators Awards eSandton, ngoMgqibelo, kukhombisa ukuthi izinganekwane ziyaphila.

UGcina uhlonishwe ngendondo ebizwa ngePodcast Special Mention eyethulwe yiSpotify ngepodcast yakhe yezinganekwane kwi-East Coast Radio, i-African Story Magic with Gcina Mhlophe.

"Izinganekwane ziyaphila. Ungazitshela ukuthi i-East Coast Radio iseThekwini kuphela kanti abantu bayakwazi ukuzilalela kuSpotify. Zikhuluma ngokuthi umuntu azazi futhi azethembe, abantu abanomona futhi okunye ubona ngathi kwenziwa yizilwane kanti kukhulunywa nabantu ngqo," kusho uGcina.

Uthe abazali abaningi bayabonga ngomsebenzi wakhe ngoba ufundisa izingane zabo ngokusetshenziswa kolimi.

"Bengenza izinganekwane iminyaka eyisikhombisa kuKhozi FM. Kuthe uma kuphela uxhaso lwase-Unilever kwase kuyama. Ngivele ngagxila ekwehleni ngenyuka nomsebenzi. E-East Coast Radio bebehlale bebuza ukuthi ngeke bangithole yini? Nami ngithe vele sengiseThekwini ngase ngiyazenza. Ngizishaya ngesiZulu nangesiNgisi futhi abazali bahlale bebonga ngokuthi izingane ebezingasalukhulumi kahle hle ulimi ziyafunda. Sikwazile futhi nokuhlanganisa abantu ngoba nakwamanye amazwe bayakwazi ukuzilalela."

UGcina, ozobe egubha iminyaka engu-65 ngo-Okthoba 24, the usafuna ukundlondlobala ngomsebenzi njengoba ehlela uqopha ama-video exoxa efunda izincwadi zakhe kukhona ozihumusha nge-sign language.

KumaDStv Content Creators Awards akulo nyaka uhlelo beluphethwe ngusomahlaya uDonovan Goliath.

Umrepha ongasekho u-AKA uhlomule ngendondo yeSong of the Year ngengoma apike kuyo uNasty C ethi Lemons (Lemonade).

Selulonke uhla lwabawinile lumi kanje:

Cause/Social Commentary Award

Doctor Siya

Funniest Content Creator Award

Ikho Kweba

Visual Arts Award

Karabo Poppy

Best Brand Collaboration Award

EssenceMediacom for Gillette #IndodaCanShave

Sports Fan Award

Lemii LoCo

Fashion & Style Award

Kefilwe Mabote

Emerging Creator Award, presented by 947

God’s Butler

Podcast of the Year Award, presented by Spotify

Podcast and Chill with MacG

Podcast Special Mention, presented by Spotify

African Story Magic with Gcina Mhlophe

Automotive Award

Juliet McGuire

Knowledge Sharing Award

Becoming Dr Andy

Thumb-Stopping Award

Donovan Goliath

The OG Award

Mihlali Ndamase

Alter-Ego Award

Sipho2Skiits – August (That Mozambican Dude)

Foodie Award

Mush Kitchen

Travel & Lifestyle Award, presented by LIFT

Wander with Iana

Dance Award

Justin de Nobrega

Sol Content Creator Award

Mandisi

Song of the Year Award

AKA ft. Nasty C - 'Lemons (Lemonade)’

DStv Content of the Year Award

Tums the Narrator