Ezokungcebeleka

UThuso kwabazojaja uMiss South Africa

Bongiwe Zuma|Published

UMLINGISI wakuleli uThuso Mbedu uzoba ngelinye lamajaji kowaMiss South Africa Isithombe: SIGCINIWE

ABAHLELI bomcimbi kazime wezwe uMiss South Africa sebememezele isihlabani somlingisi wakuleli njengomunye wamajaji kulo nyaka. UThuso Mbedu uzoba ngelinye lamajaji azokhetha uzime wakuleli kulo nyaka ozobanjelwa eSunbet Arena Time Square ngo-18:30 ngo-Agasti 13 okuyiSonto. Lezi zindaba zibajabulise kakhulu abalandeli balo mncintiswano baveza ukuthi yize egxile kwezokulingisa uThuso kodwa kube umbono omuhle ngoba uzoba nesandla esihlukile nokuyinto edingekayo.

" Uzokwenza umsebenzi omuhle, impela ngijabule ndlovukazi," kusho uRato Sekoala.

" Ngijabule kakhulu sengijahe ukumbona ngeSonto, nikhethe kahle" kuncoma uJulia Kitsa.

" Naze nalwenza usuku lwami," kusho uNtando Sgudla.

UThuso usengomunye wabalingisi bakuleli abahlonishwa umhlaba wonke kulandela amava akhe emkhakheni wezokulingisa okubalwa imidlalo yakuleli naphesheya kwezilwandle. Ngaphandle kwakhe akhona namanje amajaji asethuliwe azobambisana nawo okubalwa umethuli wezinhlelo uBonanga Matheba, umbhali wezincwadi ongusomabhizinisi nomethuli wezinhlelo uLeandie du Randt, uqweqwe lentatheli uDevi Sankaree Govender, owayenguzime wakuleli ngo-2001 uJo-Ann Strauss kanjalo nozime wamazwe omhlaba uR'bonney Nola oqhoqhobele esikaMiss Universe.

IZINTOKAZI ezizodlana imilala kuzime kaMiss South Africa ngeSonto Isithombe: MISS SOUTH AFRICA

UBUKHAZIKHAZI besicoco seNungu Diamonds esizothweswa uzime omusha wakuleli Isithombe: MISS SOUTH AFRICA