ULEBO M nomkakhe uPretty Samuels ngezinsuku zenjabulo nothando isithombe: TWITTER
ULEBO Morake owaziwa ngelikaLebo M usethuse abaningi eveza ukuthi ligqabukile igoda phakathi kwakhe nomakoti wakhe.
Lo phrojusa weThe Lion King unonyaka nemfalakahlana yezinyanga nosomabhizinisi uPretty Samuels-Morake
ULebo M uthumele isitatimende kwabezindaba eveza ukuthi uzothumela umkakhe amasamanisi edivosi.
Isitatimende sakhe sidide abaningi ngoba asiyichazi inkinga eholele esinqumweni sakhe.
“Ngeke ngingene ezinsolweni ezinonya nezinkulumo ezithize ngebhizinisi lami nempilo yami. Ngizoqhubeka nesehlukaniso futhi sengibatshelile abameli bami,” kusho uLebo M.
ULebo M noSamuel-Morake ongumengameli weLebo M Foundation bashada ngoFebhruwari 2022 baze babhalelana izincwadi ezimnandi ezinkundleni zokuxhumana kulo nyaka, begubha unyaka bendawonye bengumakoti nomkhwenyana.
Ngaphambi kokuba bashade, uLebo M wayesanda kuhlukanisa no-Angela Ngani-Casara owayeseshade naye kathathu (bashada bahlukana baphinde babuyelana amahlandla amathathu).
Ngesikhathi bebuyelana uLebo M wayeqopha uhlelo lwempilo yakhe, bobabili baveza ukuthi banethemba lokuthi ukubuyelana okwesithathu kuzokuba ngunomphelo kodwa lagqabuka nalelo goda njengoba sekumphinda futhi.
Ngale kokushada kathathu no-Angela, uLebo M wayeshade noVivica Gibson iminyaka emihlanu, ngemuva kokuhlukanisa naye, wathatha uNandi Ndlovu ahlala naye iminyaka engu-11.
Ngale kwalokho, wake wacela umshado uZoe Mthiyane ongunina wengane yakhe noMel Ntsala.
Related Topics: