Ezokungcebeleka

Udodile uSomizi ngalokhu...

Nonkululeko Nhlapo|Published

USOMIZI Mhlongo ongumdansi nomsakazi ezinhlelweni ezahlukene zeMetro FM Isithombe: SOMIZI/FACEBOOK

KUCONYWE unontandakubukwa ngesenzo esihle sokweseka uzakwabo bukhoma.

USomizi Mhlongo ubhalele uzakwabo umyalezo wokumeseka nokumqwashisa ngemuva kokuxoshwa emsebenzini.

UDineo Ranaka ubelokhu esematheni kusukela ngenyanga edlule efaka umyalezo enkundleni u-Instagram ekhombisa ukuthi uxinekile emqondweni futhi unemicabango yokuzibulala.

Lokhu kwathusa abalandeli kanjalo nomndeni wakhe njengoba kwaziwa ukuthi uphuma emndenini wosaziwayo kanti njengamanje udadewabo uManaka Ranaka ulingisa emdlalweni iGenerations The Legacy.

Watholelwa usizo uDineo kangangokuba wahanjiswa esibhedlela sabagula ngengqondo, kodwa waphuma ngemuva kwezinsuku ezimbalwa ngendlela engaqondakali.

Kuthe kusenjalo, wabonakala efaka izithombe ezinkundleni zezokuxhumana eseNew York nabanye ozakwabo kwezokungcebeleka njengoMac G noDJ Tira.

Ubuye kulo lohambo wahlangabezana nembibizane exoshwa emsebenzini.

Akuqondakali kahle ukuthi ngabe ukuxoshwa kwakhe kuyamane na nohambo lwaphesheya ngoba ngesikhathi eqala ukugula, umsakazo iKaya 959 yakhipha isitatimende ibonisa ukuzwelana naye ngokugula kwakhe.

Akapholisanga maseko enikela ezinkundleni zokuxhumana eveza ukuthi usekhonjwe indlela kulo msakazo.

Kwaba nokudideka nemibono eminingi ngokuxoshwa kwale ntokazi kulo msakazo.

Ngemuva kokufaka umyalezo oqinisekisa ukuxoshwa kwakhe ezinkundleni, uSomizi onguzakwabo ekusakazeni wenze okuhlukile ebonisa ukumeseka nokumyala ngokuthi asinyelwa isihlahla.

“Abakuxoshanga. Bakukhululile ukuze uzokwamukela isiqalo esisha,’ kusho uSomizi ebhalela lentokazi.

USomizi uqhubeke wathi noma ngabe wenzani njengamanje, ungawushisi umthombo osazofisa ukuphuza kuwona ngokuzayo. “Hamba kukuhle sisi.”

UDineo uwamukele kahle lo myalezo kazakwabo ephendula ngokuthi impela uzizwa ngendlela asho ngayo lo nontandakubukwa ongumdansi ohlonishwayo kuleli.