Ezokungcebeleka

Akawuvali umlomo ngokuqokwa kuma-awards

Sizwe Blose|Published

UMINNIE Dlamini uthi ufikelwa wukuzithoba ngokuqokwa kuma- awards

UMINNIE Dlamini ubhoboke okokuqala ngokuqokwa kwakhe kumaSimon “Mabhunu” Sabela KZN Film & Television Awards.

UMinnie ubhale ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi usanda kuthola ukuthi uqokiwe kulo mncintiswano wezindondo futhi ufikelwa ukuzithoba kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi usuku lwami lokuzalwa lusheshe lwafika, alukho futhi oludlula lokhu,”kuchaza uMinnie obezwakala ethokozile.

Ube esehalalisela umdlalo aqokwe ngawo iHoneymoon, ebonga futhi nakubahleli bomcimbi iKznfilm. UMinnie uqokwe emkhakheni weBest Supporting Actress ngomdlalo iThe Honeymoon.

BANINGI osaziwayo abahalalisele uMinnie, okubalwa kubo uTamara Dey, Nonku Williams, Thando Thabethe, Unathi, L-tido nabanye