Ezokungcebeleka

Intokozo abaseKZN besemafilimini eDisney

Nokubongwa Phenyane|Published

U-NASTY C noPearl Thusi bangabanye bosaziwayo bakuleli abakumafilimu akwaDisney azoqala ukukhonjiswa emhlabeni wonke kusuka ngenyanga ezayo naqoshwe ababhali abahlukene base-Afrika Izithombe: ZITHUNYELWE

UMREPHA odabuka eLlovu, uNasty C nabanye baseThekwini, okubalwa noPearl Thusi, bangabanye bosaziwayo bakuleli ababonakala kumafilimu ayishumi akwaDisney, aziwa ngeKizazi Moto: Generation Fire, athulwe kwabezindaba eGoli.

UNasty C, ulingisa kufilimu ethi Mkhuzi: The Spirit Racer kanti uPearl ulingisa kwethi You Give me Heart.

La mafilimu opopayi okuzwakala amazwi abo kuyo. kulindekele ukuthi aqale ukubonakala kuDisney+, kusuka ngenyanga ezayo.

Ekhuluma neSolezwe, uNasty C uveze ukuthi lokhu akusho ukuphela kothando lwakhe ngomculo njengoba ukulingisa yinto akade engacabangi ukuyenza.

“Into engingasho ukuthi ingithole ngendlela ngoba umculo yiwona engiwuthanda kakhulu. Kodwa ke ithuba bengingeke ngiliyeke uma liqhamuka. Kuthe uma bengitshela ngale ndawo ngavele ngabona ukuthi ake ngingene kulo mkhakha, futhi angizisoli nakancane kube yinto engijabulisayo ukuyenza,” kusho uNasty C.

Uveze ukuthi kule filimu ulingisa indawo kaManzo, okungumfana ophila impilo embili njengoba engumuntu ophelele aphinde abe yisilwane esihlala emkhathini.

“UManzo ufuna ukufana nomama wakhe uMkhuzi, ongumgibeli webhayisikili odumile ngakubo. UManzo ongumfana womZulu ukuthola kunzima ukuphila emphakathini wabantu njengoba kwaziwa ukuthi ubuye aphenduke isilwane. Isifiso sokufana nomama wakhe asibi lula.

“Izingane ezizobuka leli filimu zizobona ukuthi usebenza kanzima kanjani ukulwa ukuze afezekise amaphupho akho,” kusho yena.

UPearl naye engxoxweni neSolezwe, uveze ukuthi ube yingxenye yala mafilimu ngoba enzela izingane zakhe ukuze ziziqhenye ngaye.

Uthe lokhu okwenzakalayo kokuthi inkampani yakwaDisney izoqopha izindaba zakuleli, iyozikhombisa kwamanye amazwe, kusho lukhulu ngekusasa lemidlalo anamafilimu opopayi azokhombisa kuleli eminyakeni ezayo.

Omunye umdlalo oqoshwe kuleli ukhuluma ngeTheku nelokishi laseMlaza, iSurf Sangoma.

Lo mdlalo ukhuluma ngabafana ababili uNjabulo noMqobi, abanephupho lokuba ompetha bokudlala ngezikebhe olwandle kodwa izinto ezingabi lula uma behamba leli banga.

Abanye osaziwayo bakuleli abakula mafilimu kubalwa uLillian Dube, Candice Modiselle, Mandisa Nduna, Clementine Mosimane, Tumi Morake nabanye.