Ezokungcebeleka

Bajabulela ukuqashwa uL’vovo noProfessor

Nokubongwa Phenyane|Published

U-PROFESSOR Langa uthe yena ukujabulele ukuqashwa emcimbini iCotton Fest yize kukhona abakhala ngokuthi yena, uL’vovo noDJ Bongz badala ukuthi bangaba yingxenye yalo mcimbi kube kukhona abaculi abancane abangaqashiwe kuwona Izithombe: ZIGCINIWE

ABACULI Bekwaito, uProfessor Langa noLvovo Derrango bathi intsha ekhala ngokuba khona kwabo nabanye ozakwabo abadala endimeni yomculo, emcimbini odume ngokuhanjelwa igenge esencane iCotton Fest ezoba seThekwini, abazikhulumele bona ngoba bona bakholwa ukuthi baningi abantu abasawuthanda umculo wabo.

Ekhasini lokuxhumana iTik-Tok, intokazi esencane ezibiza [email protected] usabise ngokuthi, bazobashaya abahleli balo mcimbi ngokubalethela abanye babaculi wathi abanye babo ababazi.

L’vovo

“Yini le line-up yeCotton Fest, obani bona laba bantu enisilethele bona. Iningi labo asilazi abanye abaculi baseThekwini esihlala sibabona ezindaweni zokuzijabulisa. Okokuqala kuzobe kuyimpelasonto ematasa yeDurban July wonke amaciko azobe eseThekwini. Aphi lawo maciko. Okwesithathu sizomenzani uL’vovo, DJ Bongz noProfessor? baphi oNasty C, DJ Waffles. Lo mcimbi mkhulu njengeFact Durban Rocks angijabule neze akukho noDJ Maphorisa,” kukhuluma le ntokazi.

Ekhuluma neSolezwe uL’vovo uthe abaqale ukukhuluma kanje ezinkudleni zokuxhumana abantu abebethi bafuna ukubukwa ngegama lakhe, kodwa kunalokho bakhangisa ngomcimbi ngomsindo wabo.

Uthe manje sekunabantu abaningi abathenga amathikithi ubuthaphuthaphu nabebengamazi uL’vovo manje sebethenga amathikithi ngoba befuna ukubona lo L’vovo.

“Ngiwumuntu ongazinaki kakhulu izinto ezikhulunywa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana ngoba uma ungumuntu osemehlweni abantu kumele kubenjalo. Kuningi esengikwenzile endimeni yomculo, futhi nginabalandeli abaningi. Okungijabulisayo ngabaqale lendaba ukuthi, kwabona bayangazi okusho khona ukuthi bayawazi amagalelo ami emculweni.”

U-L’vovo owasinda elimala engozini yemoto, uthe abantu abaphume ngobuningi babo ukuzombona ecula bukhoma esiteji okokuqala ngemuva kwengozi yemoto eyamshiya engasakwazi ukudansa kahle, nokuyinto adume ngayo.

“Abantu abaphume bazongibuka, abangaziyo nabangamgazi bazongazi ngoba ngizobe ngivutha bhe. Ngizocula umculo okwi-sigle yami entsha ezophuma emasontweni ababili azayo. Abazohambela iCotton Fest bazoba nenhlanhla yokungibona nginandisa okokuqala emva kwengozi eyangishiya ngilimele umlenze, kodwa ngiyabathembisa ukuthi bazobona into yamehlo,” kusho yena.

Kulo mcimbi ozoba ngoJulayi 2, eKings Park, eThekwini kulindeleke ukuthi kunandise abaculi okubalwa kubo uBabes Wodumo, Beast, Big Zulu, Blxckie, Danger, DJ Besim, DJ Billimani, DJ Bongz, DJ Choppas nabanye.

Ekhuluma neSolezwe ngamafuphi uProfessor, uthe kumele abantu bazikhulumele bona, bangakhulumeli wonke umuntu uma kuza emicimbini yalolu hlobo, ngoba abantu abathandi into eyodwa.

“Mina ngizoya ngoba ngiqashiwe, akumele ngomuntu oyedwa noma ababili kube sengathi wonke umuntu akajabule, kukhona abafunaukusibona,” kuchaza uProfessor.

Kodwa ekhasini lakhe kwiTik-Tok uveze ukuthi ngenxa yokuthi abantu bayafuna ukumbona kulo mcimbi njengoba kulokhu kukhulunywa ngaye ezinkundleni zokuxhumana uzofika kuwona noma kanjani.

Uveze ukuthi abantu uyabathanda futhi ngeke aze abaphoxe kulo mcimbi.

Abahleli bomcimbi bacele ukuthunyelelwa i-email nemibuzo ngalokhu, kodwa bagcina bengaphendulanga.